UBONGA ukwesekwa ngesikhathi esinzima umndeni kasomabhizinisi wendawo yobumnandi osinde edutshulwa izolo.
Umndeni kaMax Mqadi weMax's Lifestyle eMlaza, ukhiphe isitatimende mayelana nokudutshulwa kwalo somabhizinisi izolo ntambama. Lo mndeni ubonga imiyalezo ethunyelwa abantu ezindaweni ezahlukene bezwelana nawo njengoba usabhekene nalesi simo.
Lo mndeni uveza ukuthi uMqadi udutshulwe abantu abangaziwa ngesikhathi esuka endaweni yakhe eMlaza.
Umndeni kaMqadi unxusa abantu ukuthi bawukukhulekise bengaphezi nokuweseka njengoba esalwelwa impilo yakhe esibhedlela uMqadi. Ezinkundleni zokuxhumana abantu balokhu bemeseke njalo uMqadi bemfisela nokwelulama ngokushesha.
Irvin Sihlophe uthe: Ngifisela umkhaya wami ukwelulama ngokushesha. Siyabonga Nkulunkulu ngokumvikela.
Violakash03 uthe: Oh nkosi uxolo mkhaya wami, iNingizimu Afrika ngiyayibonga.
Majolide uthe: Sibonga uNkulunkulu ngempilo yakhe, ngimfisela ukwelulama ngokushesha.
Okhulumela amaphoyisa, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisekisile isigameko.
Uthe ngokombiko wamaphoyisa uMqadi ukwazile ukubaleka, washayela waze wayofika edolobheni, lapho ethole khona usizo waphuthunyiswa esibhedlela.
“Okwamanje ubufakazi obukhona kuthiwa kunamadoda amabili abezulazula ngaphandle kwendawo yakhe amlinda waphuma. Uthe uma engena emotweni yakhe amdubula kodwa wakwazi ukubaleka.
“Okuningi kuzocaca uma esebhale isitatimende namaphoyisa. Sizothumela amaphoyisa ukuthi ayobheka isimo sakhe esibhedlela kuqala. Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubulala,” kusho uColonel Mbele