Izindaba

Umndeni ubonge isihe sesigebegu esakhomba isidumbu

Simphiwe Ngubane|Published

Cape Town - 181001- A burnt corpse was discovered on Baden Powel Road in the Strandfontein vacinity - Photographer - Tracey Adams - ANA African News Agency

UMNDENI kanjiniyela owabulawa ubonge uNkulunkulu ngokuthi wavusa unembeza wesiboshwa esawukhombisa lapho esalahla khona isidumbu selungu lawo.

UNksz Zodwa Langa, ongudadewabo kamufi, uMnuz Timmy Langa, uthe ukudliwa wunembeza kukaJames “Ramaphosa” Mashudu nokuvuma kwakhe icala kwabaweza ngelibanzi.

“Siyabonga uRamaphosa owakhuluma yonke into, wakwazi ukuyokhomba uNkosi (Langa) lapho ayelahlwe khona. Ngabe asikho lapho esikhona njengamanje (icala enkantolo) nokuthi wayaphi uNkosi ngaphandle kukaRamaphosa,” kusho uNksz Langa.

Uqhube wathi imiphumulela yolibofuzo yakuqinisekisa ukuthi izinsalela ezatholakala kwakungezikaLanga.

UMashudu udonsa isigwebo seminyaka engu-20 ejele ngaleli cala. UMbuso uthi nguyena benommangalelwa wokuqala uMnuz Nkosinathi Zungu abathumba uLanga kwakhe ePinetown, ngoSepthemba 2020.

Kusolakala ukuthi babeqashwe inkosikazi kamufi engudadewabo kaZungu, uNksz Nompumelelo Goncalves, engaphandle ngebheyili.

Izinsalela zesidumbu sikaLanga zatholwa ngoNovemba 2020, oZwathini, eNdwedwe, emuva kokuthi uRamaphosa eqhutshwe amaphoyisa wayokhomba.

“Ukube kwakuya ngoNathi (Zungu) ngabe asimtholanga umfowethu. UNathi watshela amaphoyisa ukuthi akasaboni lapho abalahla khona uNkosi (Langa),” kusho uNksz Langa.

Okunye okuphatha kabi umndeni wukungazi ikuphi ingane kamufi noNksz Goncalevs abagcina ukuyibona ngo-Othoba 1, 2020.

Bakhale nangokudonsa kwecala osekuyongena onyakeni wesithathu. Bathi kusukela kwehla isigameko, abasawubungazi uKhisimusi noNcibijane, okuyinto abathe bayoyenza mhlazane kwagwetshwa abasolwa

UNksz Langa uthe bathembele kuNkulunkulu ngesinqumo esizothathwa inkantolo futhi bazosamukela sinjalo, akukho abangakwenza.

Uveze nokuthi umndeni wabo uyethemba ukuthi ezomthetho eNingizimu Afrika ngeke zibaholele ophathe ngoba ubufakazi bonke busetafuleni.

Kuphothulwe ngoLwesine ukwethulwa kobufakazi kuleli cala eliqale ngo-2022.

Ijaji elibambile, uSolwazi Bonke Dumisa, lithe ngoJanuwari 18, uMbuso nabamele abasolwa bazokwenza izethulo ngaphambi kokuthi likhiphe isinqumo elithe ngeke likwenze ngaphambi kukaFebhuwari 2024.