UBONGEKA Khumalo okuthiwa isidumbu sakhe sitholwe silenga ehlathini Isithombe: SITHUNYELWE
UMNDENI usola ukuthi libulewe itshitshi eliwumfundi, isidumbu salo okuthiwa sitholakale silenga ngothayi ehlathini, KwaDabhazi KwaNongoma, ngoLwesihlanu ebusuku.
UBongeka Khumalo (17) okuthiwa ubefunda u-Grade 10 eNkowane High khona KwaNongoma, kuthiwa ugcine ukubonakala ngoLwesihlanu eya esikoleni, isidumbu sakhe satholwa silengiswe ngothayi wesikole abewugqokile ehlathini elikhona endaweni.
Uninalume kamufi uMnuz Ntokozo ‘Gologo’ Ndwandwe, uthe ngesikhathi befika ehlathini emva kokuthola umbiko, baqaphele ukuthi umshana wakhe unegazi ebelehla ngamathanga okwenze basola ukuthi udlwenguliwe ngaphambi kokuthi abulawe.
“Akukho nokuncane okukhombisa ukuthi uzibulele. Bekungekho imizizima etheni entanyeni nomshudulo endaweni abezilengise kuyo okukhombisa ngokusobala ukuthi uthathwe nje esevele esethule, walengiswa ukuze kube sengathi uzibulele,” usho kanje.
Uthe buqamama nalapho bekulenga khona isidumbu somshana wakhe, bekunommese, bawazisa amaphoyisa ngawo kodwa athi awuhlangene nendawo yesigameko njengoba wona ukwenye indawo.
Uthe ngesikhathi befika kulenga isidumbu somshana, nabo baqale bakholwa ukuthi uzibulele nokuholele ekutheni akhe izinswazi asishaye njengokwesiko elenziwa uma umuntu ezibulele, okuthe uma eqaphela ukuthi kunegazi elomile obekukhombisa ukuthi belehla ngamathanga, wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa komshana wakhe.
UNdwandwe uveze ukuthi ngosuku olwandulela okutholakale ngalo isidumbu sakhe, umufi wayethunywe unina edolobheni kungekho lutho olukhombisa ukuthi kukhona okungahambi kahle, kangangoba nangoLwesihlanu wavuka waziyela esikoleni egqoke umfaniswano wakhe, yize babengabhali ngalolo suku.
UNksz Mningi Zuma ongumphathi wezintombi, uthe utshelwe ngomunye wabangani bakamufi ukuthi bagcinane esikoleni kuwumuntu obehambisana nesoka lakhe, nalo elifunda khona kulesi sikole.
“Bengingazi nokuthi unalo isoka futhi bekungelula ukuthi bangitshele ngoba bengihleze ngibafundisa ngokubaluleka kokuzithiba nokuthi bangaqomi ngoba lokho kungagcina kwenze balingeka. Umngani wakhe uthe bahambe naye baya esikoleni, okuthe uma befika umufi wamtshela ukuthi usaya esokeni lakhe. Uveze ukuthi ihlathi okutholakale isidumbu sakhe silenga kulo, ubejwayele ukuhlala kulo nesoka,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe amaphoyisa aKwaNongoma avule idokodo ngokufa komuntu.
Related Topics: