SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komrepha uPro, oshone ngoLwesithathu ebusuku Isithombe: INSTAGRAM
UNINA kaPRO, umrepha odlule emhlabeni ngoLwesithathu ebusuku ngemuva kokubanjwa yisifo sokudlikiza, uthe uthembele kuNkulunkulu ngokuthi uzompholisa ubuhlungu abuzwayo ngokudlula kwendodana yakhe.

ULinda “PRO” Mkhize (37) kuthiwa uphathwe yisifo sokudlikiza evakashele abangani bakhe.

“Kubizwe abezimo eziphuthumayo ukuthi bazosiza. Benze konke okusemandleni ukumvusa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Isikhathi adlule ngaso u-8.38,” kusho isitatimende somndeni.

NgoLwesine ngesikhathi Isolezwe lihambele umndeni wakhe eLamontville, lifike kuthiwa unina, uFikile usendleleni. Bekukhona indodakazi yakhe (ethi baba omncane) uMpume Mkhize nomshana wakhe uNomfundo Mase.

“Isimo sikagogo asibanga sihle ngemuva kokuzwa izindaba. Uhamba inkonzo futhi unethemba lokuthi bazohlangana kwelizayo. Akakholwa ukuthi akasekho. Ubethembele kuye,” kusho uMpume.

Uchaze uPRO njengomuntu obewuthanda umndeni wakhe, elungile futhi emthanda unina.

“Ubegcine ukufika ngoJuni. Ubengakhohlwa lapho ephuma khona, ekuqhakambisa ukuthi iLamont yilokishi lakhe. Ukhule lapha efunda Entuthukweni Primary wase eya eGoli nomama wakhe ngoba ubaba owakhona. Uma efikile bekugcwala abantu babuse,” kuchaza uMpume.

Uthe ubemesaba uNkulunkulu futhi namasiko ewagcina. Umzala wakhe, uThabisile Mkhize uthe akazi ukuthi ukudlikiza bekuyisifo ebesimphatha yini. Umfowabo, uDJ Citi Lyts uthe kusenzima ukukhuluma okwamanje.

Ngokwesitatimende ushiye emhlabeni unina uFikile, uyise uZwelakhe Kheswa, umkakhe * -Ayanda, indodakazi eneminyaka emithathu uNonkanyezi, abafowabo namanye amalungu omndeni.

Amalungiselelo omngcwabo abengakaphothulwa.

U-PRO, phambilini owayaziwa ngoPro Kid, uke waqopha eGallo Records naseTS Records. Ingoma yakhe yokugcina iLove iphume eMoney First Entertainment. Uzakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iSoweto, Uthini NgoPro, Ungaphel’umoya San, nezinye.

Owayeyimenenja yakhe, uBoyce Fiyo utshele Isolezwe ukuthi kumethusile ukudlula kwakhe ngoba akagulanga.

“Ubewumuntu obemthanda uNkulunkulu futhi ehlonipha. Bengimthathisa okomfowethu omncane. Abantu uma bebona mina bebebona yena. Ngithukile,” kusho uBoyce.

Umrepha uZakwe, osebenze noPRO engomeni iSebentin Remix, uthe balahlekelwe wumsunguli we-hip hop yasekasi.

“Ubengenawo umona, esikhombisa indlela. Noma inombolo yakhe ngingasenayo ubengithinta athi nansi entsha. Ubengiqondisa lapho ngiphambuka khona. Emasontweni amathathu edlule bengicula e-Artizen ngathola ucingo, bethi ufuna ngibe khona eMoses Mabhida lapho ebenandisa khona. Sidlale kamnandi. Kusho ukuthi ubevalelisa.”

Abanye abadlulise amazwi enduduzo wuNgqongoqshe wezobuCiko kuzwelonke uNathi Mthethwa, umrepha  u-AKA, HHP, ProVerb, DaLes, DJ Sbu nabanye.