UMNDENI wowesifazane odutshulwe wabulawa emzini wakubo eMtshezi usola amaphoyisa ngokuwashiya nezigebengu ethi ayolanda amanye amaphoyisa azowasiza, ngeSonto.
Umndeni kaNksz Ningi Ndlovu (53) wasesigodini KwaVala, eMangweni, eMtshezi, odutshulwe wabulawa yizigebengu okusolwa ukuthi bezizofuna imali njengoba ebenebhodlelasitolo esegcekeni, uthi ukube amaphoyisa awahambanga izigebengu zazingeke ziqhubeke nokudubula.
UNksz Dumisile Ndlovu, indodakazi kamufi, uthe amaphoyisa afika kubo adubulana nezigebengu ezazikake umuzi, abona ukuthi ayingangawo, abuyela esiteshini ethi ayolanda amanye amaphoyisa.
“Amaphoyisa abizwa ngoba kuzwakala ukuthi kunabantu abakuveranda okwakuzwakala sengathi babhodloza i-ceilling board. Athi efika esangweni laba bantu ababengaphakathi egcekeni bavulela ngenhlamvu bebhekise kuwo, nawo aphindisela. Kuthe uma kuthuleka, afulathela abuyela esiteshini. Athi ayobiza ozakwabo abazowalekelela. Kwakwenziwa yini ukuthi angafoni acele usizo kwamanye amaphoyisa. Awazange akwazi ukungena esangweni ngoba lalikhiyiwe nathi singakwazi ukuphuma ngoba umuzi wase uzungezwe yizigebengu, sezinqamule nezintambo zikagesi, kumnyama,” kusho yena.
Unina kamufi, uNkk Nomsebenzi Ndlovu, uthe umuzi wakhe bese uphenduke indawo yokudlalela izigebengu ebezigqekeza zonke izinyanga zibakhombe ngezibhamu zithathe imali nogologo.
Ikhansela lakule ndawo, uMnuz Nowa Dlangalala, uthe kuyabakhathaza ukubulawa kwabesifazane ngesihluku osekwandile kule ndawo.
“UNksz Ndlovu ubengusomabhizinisi othuthukayo, evula namathuba omsebenzi kubantu bendawo. Sinethemba lokuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla kuboshwe abenzi bokubi nokunqanda izigameko zokuhlaselwa kosomabhizinisi endaweni,” kusho uDlangalala.
UCapt Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe imoto yamaphoyisa yalimala ngesikhathi etholene phezulu nezigebengu kwaNdlovu, okwaholela ekutheni acele amanye amaphoyisa. Uthe ashaya ucingo, ayengeke akwazi ukuhamba ngemoto, ngesikhathi esefikile amanye aqhubekela endlini athola ukuthi owesifazane oneminyaka ewu-53, udutshulwe washona.
Uthe amaphoyisa asaphenya kodwa akukaboshwa muntu.