AKUKACACI ngokufa kukaNkk Cynthia Nomthandazo Sithole, kanti umndeni wakhe osuzifunele abaphenyi abazimele ngoba unganelisekile ngophenyo AKUKACACI ngokufa kukaNkk Cynthia Nomthandazo Sithole, kanti umndeni wakhe osuzifunele abaphenyi abazimele ngoba unganelisekile ngophenyo
USUZIFUNELE abaseshi abazimele umndeni kankosikazi womfundisi waseSheshi, okutholakale isidumbu sakhe emasontweni amabili edlule eShowe, namanje okungakacaci ngokufa kwakhe. UNkk Cynthia Nomthandazo Sithole (41), ungcwatshwe eMelmoth ngoLwesihlanu olwedlule, umdeni wakhe wakwaSibiya, ubhekene neziqu zamehlo nomyeni wakhe uMfundisi Sandiso Sithole. Isidumbu sikaNkk Sithole satholwa ngumyeni wakhe emotweni okuthiwa ngeyebandla, ebipakwe esigangeni eShowe. Namanje umndeni kamufi ushaya amakhala ngokufa kwakhe, osekwenze wazifunela abaphenyi abazimele.
Oyilungu lomndeni wakwaSibiya nocele ligodlwe igama lakhe, uthe abenelisekile ngophenyo lwamaphoyisa. Uthe bawanikeza amaphoyisa eminye imininingwane ngezinsolo abanazo kodwa akukho akwenzekile. Uveze ukuthi basezingxoxweni nabaphenyi abazimele ukuze baneliseke.
“Sizwa kuthiwa kukhona incwadi eyatholakala okuthiwa yabhalwa umufi, nayo asiyazi. Amaselula atholakala emotweni yakhe athathwa ngamaphoyisa abuye aphindiselwa kumyeni wakhe.”
Uthe abakaze baxhumane nebandla kodwa owayephethe inkonzo ngumbhishobhi osezothatha umhlalaphansi. Kuvele nokuthi kukhulu ukungezwani phakathi komndeni kaNkk Sithole nomfundisi, futhi kuthiwa umyeni wakhe usedayise nomuzi obewakhiwa ngumufi eVerulam.
Umndeni unezinsolo zokuthi umufi ubehlukunyezwa ngumyeni wakhe futhi unobufakazi balokho. Kuthiwa kukhona abaziyo ebandleni ngokuhlukumezeka kwakhe kodwa bekungathathwa zinyathelo.
Isolezwe lithumele imibuzo ngoMsombuluko kwi-email yebandla, oyiphendulile othe bazoyiphendula. Kushaye isikhathi sokuloba i-email ingakaphendulwa, ngisho sekuthunyelwe omunye umyalezo wokulandelela izolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, uthe kusaphenywa ngokufa komuntu emuva kokutholakala kwesidumbu sikaNkk Sithole.
UNkk Sithole ubenguthisha esikoleni sabamanga aphansi eNanda. Bebesemishini oThongathi ngokomsebenzi nomyeni wakhe. Ngesikhathi eshona kuthiwa babevakashele komunye umuzi wabo eMelmoth, izingane zabo ezimbili ziseMtubatuba.
Ngesikhathi kuthintwa uSithole ngesigameko, uthe akafuni ukuphawula ngalolu daba.