UMLINGISI ophinde abe ngumculi, uBrian Temba, uthe uzogxila ekuculeni kulo nyaka ngoba yiyona nto azifela ngayo.
UBrian usanda kushiya emdlalweni wakuSABC 2, iMuvhango, lapho ayesedlale khona indawo kaRanthomeng iminyaka emihlanu.
NgoLwesihlanu kuphume ingoma kaNgwato apikwe kuyo ethi All I Need. Ngaphambi kwalokhu kuphume i-EP kaSimbad enengoma acula phambili kuyo ethi, Take My Hand.
“Ngo-2018 ngenza izingoma ze-house. UNgwato udlala isigingci kodwa wangipika engomeni yakhe. Ngisebenze nomngani wami waseFrance ohlala eLondon uSimbad. Ngithe ngiseLondon ngoSepthemba wathi asingene estudiyo. Empeleni yingoma yesibili lena esiyenze ndawonye,” kusho uBrian.
Uthe ukulingisa yinto ayenza aphinde ahlabe ikhefu kuyo.
“Ukulingisa yinto engingena kuyo ngiphinde ngiphume futhi. Kade senza ifilimu ezophuma maduze. Ngiyakuthanda ukulingisa kodwa ngithanda kakhulu umculo,” kusho yena.
Uqhube wathi ngenyanga ezayo uzokhipha kabusha i-albhamu yakhe ayikhipha ngo-2017 ethi UnABC (UnApologetic, UnBreakable, Uncensored).
“Ngayikhipha kodwa ayingenanga ezitolo, abantu abaningi abayazi. Yingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngiphinde ngiyikhiphe futhi. Ngiwumuntu wothando, ngicula ngalo futhi,” kuchaza uBrian.
Uthe ibophele izingoma ezingu-16, upike kuyo uReason, Uhuru, The Muffinz, Chymamusique, Miza, Tronic noTsoro Mavuso.
“Kuxubile iR&B ne-house. Ne-house esiyenzayo ayisheshi kakhulu futhi igcwele iR&B. Sidlale ngemisindo saxuba nombhaqanga nomculo wesintu.”
Lo mculi ozakhele udumo ngezingoma okubalwa kuzo iZanele, Dominoes nezinye, uthe umculo unezingqinamba kodwa bayakwazi ukumelana nazo.
“Kwesinye isikhathi imisakazo nethelevishini akusidlali. Abanye bayathembisa kodwa kungenzeki. Nabaculi abasha bayathumela bengadlalwa bese bephatheka kabi. Thina sesijwayele, senza into efunwa ngabantu.”
Uphethe ngokuthi njengoba kuqala unyaka, abantu kumele benze into abayithandayo, inqobo uma benethalente.
“Kumele bengangeni ngoba befuna imali. Abantu abasha kumele bawazi amathalente abo, ungangeni entweni ezokuhlula. Uma uthanda into kodwa ungenalo ithalente kungcono uvele uyeke. Umculo awulula, unzima.”