KUQOPHEKE umlando kwethulwa ikomiti elizosiza abelaphi bendabuko basabalalise ulwazi lwabo lokwelapha nokuthi lubhalwe phansi.
Ikomiti, elinamalungu awu-13, lethulwe ngokusemthethweni eNyuvesi yaKwaZulu-Natal esebenzisana nabelaphi bendabuko ukuqinisekisa ukuthi umsebenzi wabo awubukelwa phansi.
Emcimbini, obuwenziwe wuMnyango weSayensi nobuChwepheshe, bekukhona noSihlalo wendlu yabaholi bomdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Phathisizwe Chiliza.
UChiliza uthe abelaphi bendabuko babalulekile ngoba yibona okufanele basize ekwakheni isizwe.
USolwazi Velaphi “VVO” Mkhize woMsamo Institute uthe kade yaqala iNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukusebenzisana nabelaphi kodwa umehluko wukuthi manje uhulumeni usebenzisa uMnyango weSayensi nobuchwepheshe ukubeka umsebenzi wabelaphi bendabuko kwelinye izinga.
Uthe abelaphi bendabuko abathole izincwadi ezisayinwe wuNgqongqoshe, uMnuz Blade Nzimande, bazokwenza isiqiniseko sokuthi ozakwabo benza umsebenzi okahle, abekho ababulala abantu nabanebala elimhlophe ukuze kutholwe izicubu.
Uveze ukuthi uzosayina isivumelwano sokusebenzisana neNyuvesi yaKwaZulu-Natal ukuze abafundi bahambele esigodlweni sakhe ukuyofunda ngokwelapha ngokwendabuko.
Bakhona abafundi abahambela isigodlo sikaMkhize kodwa manje usezoba nesivumelwano esizochaza ngobudlelwano anabo neNyuvesi yaKwaZulu-Natal.
USolwazi Yonah Seleti, woMnyango weSayensi nobuchwepheshe, uthe kuyaqala ngqa emhlabeni jikelele ukuthi abelaphi bendabuko babe nekomiti elibheka ulwazi abaluthola ekuthwaseni ukuze lubhalwe phansi nabo bathuthukise indlela yabo yokusebenza.
Uthe selokhu uMengameli Cyril Ramaphosa esayine umthetho we-Indigenous Knowledge Systems abelaphi bendabuko bazosizakala ukuthi ulwazi lwabo lokulapha lubhalwe phansi bakwazi nokusebenzisana ne-UKZN ukufundisa izitshudeni ngokulapha ngokwendabuko.
UNkk Phephsile Maseko, weTraditional Healers Organisation, uthe wayesethimbeni lokuqala elasungulwa ukuze kwakhiwe ikomiti elithulwe izolo.
Uthe abelaphi baKwaZulu-Natal yibona abahlangane basho ukuthi baphuma emikhakheni ehlukene yokulapha nokuthi yini abafuna ithuthukiswe ngokulapha ngokwendabuko.
“Siyajabula ukuthi uMnyango weSayensi nobuChwepheshe uhlanganile nathi wakha ikomiti elizoqinisekisa ukuthi ulwazi lwabalaphi lusiza umuntu omnyama. Isizwe simosheke kangaka ngoba ulwazi lwethu lwesintu lucekelwe phansi. Abelaphi kufanele bazi ukuthi ikomiti lithi abalethe usizo lobunyanga oluhle eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana ngoba yikomiti lokuqala leli,” kusho uNkk Maseko.
Amazwi akhe ananelwe wuNkk Nonhlanhla Mshanelo Nkomo omunye osekomitini labalaphi owuMgqugquzeli weNational Unitary Professional Association Traditional Health Practitioners of South Africa.
UNkk Nkomo uthe bayabonga ukuthi emuva kwesikhathi eside becindezelwe sebezokwazi ukubika uma kukhona abona umsebenzi wabo.