KUQOPHEKE umlando kumfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu kuqokwa umengameli wesifazane ukuwuhola.
UNksz Zingiswa Losi uphakanyiswe yedwa kwesikamengameli weCosatu engqungqutheleni eqhubekayo yalo mfelandawonye.
Umengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini uyashiya kulesi sikhundla kanti uNksz Losi ubeyiphini lesibili likamengameli weCosatu.
Izolo kuvele ukuthi uphakanyiswe yedwa kulesi sikhundla kanti imiphumela yabadle umhlanganiso kule ngqungquthela ekhetha ubuholi izomenyezelwa kusasa uma isisongwa le ngqungquthela eseMidrand, eGoli.
Selokhu wasungulwa lo mfelandawonye eminyakeni
engu-35 edlule omengameli bawo bekuba abesilisa.
UNksz Losi, owayephakanyiselwe kwesePhini likaNobhala we-ANC engqungqutheleni ye-ANC eNasrec ngoDisemba, esohlwini lukaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa wakhala ngaphansi kulesi sikhundla ehlulwa wuNksz Jessie Duarte.
Ngokomlando wakhe ube sezinhlakeni zezinhlangano zabafundi iCosas e-Eastern Cape wajoyina nophiko lwentsha
lwe-ANC kanti waqala ukusebenza embuthweni wezokuvikela.
Ube esesebenza enkampanini eyakha izimoto, iFord ePort Elizabeth, wamela abasebenzisa ngaphansi kwenyunyana yokusansimbi iNational Union of Metalworkers (Numsa).
URamaphosa uhalalisele uNksz Losi kulesi sikhundla esisha.
Ekhuluma kule ngqungquthela izolo, uNobhala weSACP uDkt Blade Nzimande, uthe bazoqhubeka bakhulume nge-ANC ngoba yikhaya labo.
Uthe abathukanga bezwa ngetulo lokuthi kukhona abafuna ukugudluza uMengameli Cyril Ramaphosa emandleni okuhola i-ANC.
“Kade sayisho lento, asithukanga sizwa ngokuthi kunetulo eliphekwayo lokuthi kugudluzwe abaholi be-ANC. Sizoqhubeka sikhulume ngezinto ezenzeka kuKhongolose ngoba yikhaya lethu, asinalo elinye.”
Ubekhuluma ngemibiko yetulo elihlanganisa abaholi be-ANC okubalwa noNobhala uMnuz Ace Magashule nowayengumengameli uMnuz Jacob Zuma okuthiwa babehlangene eThekwini
bakha itulo lokuketula uRamaphosa.
Uthe labo abenza lokhu kumele bavezwe.
UNzimande uthe bazokhankasela i-ANC njengoba kuyiwa okhethweni.
“Asincenge zikhundla kuhulumeni. Abanye bethu baze baxoshwa ezikhundleni kodwa sisaqhubeka nokulwela abasebenzi,” kusho uNzimande.
Uthe ngeke bathule uma kushintshwa ikhabhinethi
ngo-12 ebusuku noma bevalelwa ngaphandle kweminye imihlangano.
Ugxeke labo athi badukisa izitshudeni bezitshela ukuthi ayikho into yokulawulwa kombuso yidlanzana.
“Abantu abasho kanje kumele bavalwe ngoba bafuna ukudala ukudideka. Ngeke sivumele abantu badukise intsha,” kusho uNzimande.
UZuma, ekhuluma nezitshudeni eWalter Sisulu University wathi umbuso wakuleli awulawulwa yidlanzana.