UKHISHWE phambili umengameli Cyril Ramaphosa odabeni lwakhe noMvikeli Womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane obemsola ngokunqaba ukulandela izincomo aziphakamisa kumbiko ngongqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan.
NgoLwesine uJaji Letty Molopa-Sethosa enkantolo enkulu eNorth Gauteng uthe uRamaphosa wathatha isinqumo esiphusile ngokuthi alinde ukudluliswa kombiko kaMkhwebane ngoGordhan enkantolo.
NgoMeyi nonyaka u-Adv Mkhwebane wakhipha umbiko wokuthi kwakungamele uGordhan agunyaze umhlalaphansi kaMnuz Ivan Pillay ngo-2010 eSars.
Ngalesi sikhathi uGordhan wayenguNgqongqoshe wezeZimali. UMkhwebane wayelindele ukuthi uRamamaphosa amthathele izinyathelo uGordhan ngokuphula umthethosisekelo kodwa kunalokho uRamaphosa wabhalela uMkhwebane wamazisa ukuthi uzolinda isinqumo senkantolo ngokudluliswa kombiko wakhe ngoGordhan. Emaphepheni asenkantolo uMkhwebane usole uRamaphosa ngokuzishaya indiva izincomo zakhe nokuvikela uGordhan.
Ngesikhathi ethula isinqumo sakhe uJaji Molopa-Sethosa ubelokhe egcizelele njalo ukuthi umengameli wathatha isinqumo esiphusile kulolu daba.
Uthe kuyaxaka ukuthi uMkhwebane akahambisani nesicelo sikaRamaphosa sokumisa izinyathelo aziphakamisile kuze kube kuphuma isinqumo enkantolo ngombiko kaGordharn odlulisiwe ngoba kweminye imibiko uyakuvumela lokhu.
Ijaji liphinde laveza ukuthi uMkhwebane akashongo ukuthi uRamaphosa umnikeza isikhathi esingakanani ukuthi athathele uGordhan izinyathelo, kanti futhi naye uRamaphosa akaze asho ukuthi uyazichitha izincomo zakhe, waveza ukuthi uyazamukela.
Khonamanjalo, kolunye udaba olungakaphothulwa enkantolo uRamaphosa uphikisa izincomo zikaMkhwebane aziphakamise kumbiko wakhe ngomnikelo kaR500 000 awuthola kwisikhulu esiphezulu saseBosasa, uMnuz Gavin Watson.
Kumbiko wakhe, u-Adv Mkhwebane wathola ukuthi uRamaphosa wakhohlisa iPhalamende nyakenye ngoNovemba ngesikhathi ephekwa ngemibuzo ngemali ayithola kwiBosasa ngesikhathi ekhankasela ukuba nguMengameli we-ANC.
UMkhwebane waphinde wathola ukuthi kunezigidi zamaRandi ezazingena ziphuma kuma-akhawunti akhe ngaso lesi sikhasi semikhankaso.
Kwizincomo zakhe waphakamisa ukuthi umengameli kumele aphumele obala ngabantu ababemxhasa.