UNGQONGQOSHE wezeMpilo olandelwa ifu elimnyama, uDkt Zweli Mkhize, uzovela phambi kwekomiti elibhekelele ukuziphatha kwamalungu e-ANC, i-Integrity Commission, ukuyochaza ngethenda engundabamlonyeni eyakhishwa wumnyango awuholayo.
UMkhize usebhalele leli komiti ecela ukuyolichazela ngethenda kaR150 million eyanikezwa inkampani yezokuxhumana ephethwe okuthiwa basondelene nomndeni wakwaMkhize, iDigital Vibes.
Le nkampani yanikezwa ithenda yokusabalalisa ulwazi ngohlelo lukahulumeni iNational Health Insurance (NHI), yabuye yanikezwa nomsebenzi wokusabalalisa ulwazi ngobhubhane iCorona.
Umbiko womnyango wathola ukuthi akuzange kulandelwe imithetho ngesikhathi kukhishwa le thenda.
Kunezinsolo zokuthi amanye amalungu omndeni wakwaMkhize ahlomula kule nkampani emva kokuthi ithole ithenda.
Akucaci ukuthi uMkhize uzovela nini phambi kwaleli komiti kepha kunezinsolo zokuthi angase avele ngoMgqibelo.
Usihlalo we-Integrity Commission, uMnuz George Mashamba, uthe kusazonqunywa usuku ikomiti elizohlangana ngalo noMkhize.
“Incwadi kaMkhize siyithole ngoMgqibelo, ngesikhathi sinomhlangano wethu, lapho ecela khona ukuzocacisa ngale thenda. Asizange sivumelana ngosuku kepha sizombhalela ukumazisa ngosuku azovela ngalo.”
UMashamba uthe bazozama ukuthi uMkhize asheshe avele.
“Lolu udaba oluphuthumayo okufanele luphothulwe ngokushesha.”
UMashamba akathandanga ukunaba kakhulu ngokuzoxoxwa kulo mhlangano njengoba ethe akafuni ukuyikhulumela eziko.
UMkhize uzovela phambi kwaleli komiti nje, iyakhula ingcindezi yokuba uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, amgudluze esikhundleni.
Baningi abakholelwa ekutheni ukungathathelwa izinyathelo kukaMkhize, kusho ukuthi uRamaphosa akazimisele ngokulwa nenkohlakalo.
Ngesonto eledlule, uRamaphosa watshela amalungu ePhalamende ukuthi izinsolo ezibekwe uMkhize zibucayi futhi ziyakhathaza, wathembisa ukuthi uzothatha izinyathelo uma sekuphothulwe uphenyo.
Amaqembu ezepolitiki nawo asememezele ukuba uMkhize ashenxe esikhundleni, kanti i-DA yona isanda kumvulela icala.
Kepha ke ngakolunye uhlangothi, labo abeseka uMkhize bathi kufanele kulindwe iSpecial Investigating Unit (SIU) ize iphothule uphenyo elwenzayo ngalolu daba.
Abeseka uMkhize bakholelwa ekutheni kunetulo lezombusazwe lokuketula uMkhize ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC ezokuba ngonyaka ozayo.
Nakuba ingakaqali imikhankaso yabagaqele izikhundla, kepha kukholakala ukuthi uMkhize angase aphinde angenele umbango wokuhola le nhlangano.
Abeseka uMkhize bavele sebeqalile ezinkundleni zokuxhumana ukuzwakalisa kwabo ukumeseka.