UNgqongqoshe wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize
UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuleli uDkt Zweli Mkhize uthi izinombolo zakamuva zeCovid-19 kuleli zikhombisa izimpawu zokwehla kokusabalala kwaleli gciwane.
UMkhize uthe iNingizimu Afrika isidlulile esigabeni sokusabalala kwaleli gciwane ngamandla kodwa wadonsa ngendlebe abantu bakuleli ukuthi baqhubeke balandele imigomo ebekiwe yokunqanda iCovid-19.
Babalelwa ku-609 773 abantu asebehaqwe yiCovid-19 kuleli, kubo sekusinde abawu-507 470. Leli gciwane selibulale abawu-13 059 kuleli.
UMkhize uthe sekuphele izinyanga ezimbili manje ehla amandla okusabalala kwegciwane esifundazweni iWestern Cape kanti sebeqalile ukubona izimpawu ezifanayo naKwaZulu-Natal.
“Into esikhathazeke ngayo nje ukuthi abantu bazoqala bakhohlwe imigomo ebekiwe ukulwa negciwane bese kuqala kabusha ukusabalala kwalo,” kusho uMkhize.
Izolo uMkhize uphinde wadalula ukuthi abanayo inkinga yezinsiza zokuvikela abasebenzi bezempilo kodwa umnyango ubhekene nezingqinamba ekuqinisekiseni ukuthi ziyafinyelela kubo bonke abasebenzi ezibhedela.
Abasebenzi bezempilo ezibhedlela zikahulumeni sebeka bazwakalisa ukungenami ngokunganeli kwezinsiza zokubavikela empini neCovid-19. UMkhize uthe izindaba zenkohlakalo ethinta ukusatshalaliswa kwalezi zinsiza ezibhedlela ziyaphoxa.
“Iyaphoxa imibiko ngenkohlakalo. Abantu basebenzisa izikhundla zabo ukuzihlomulisa bona. Siyayigxeka inkohlakalo futhi sizosebenzisana nabomthetho ukuqeda ngayo,” kusho uMkhize.