USEPHINDE wahlonishwa phesheya umcwaningi ofundisa eNyuvesi yaKwazulu-Natal (UKZN), osanda kuhlonishwa ngokuvelela nakuleli.
UDkt Msizi Mkhize ofundisa i-Accounting ophikweni lweSchool of Accounting, Economic and Finance ngeledlule ubeseMalaysia ukuyokwethulwa inkulumo ngokubaluleka kweMaths uma kufundiswa i-Accounting.
Ubeyomela lesi sikhungo engqungqutheleni yabafundisa kulo mkhakha emhlabeni jikelele. UMkhize uhlonishwe ngesitifiketi emuva kokuthi ebe ngovelele ekwethuleni le nkulumo. Kwenzeka lokhu nje, ngenyanga edlule uhlonishwe njengothisha ovelele kuzwelonke kwabafundisa kulo mkhakha kuleli. Uhlonishwe ngendondo yeNational Excellence in Teaching and Learning Commendation, eyenziwa yiCouncil of Higher Education.
Uthe kuyimvela kancane ukuthola le ndondo.
“Kuyangijabulisa ukuhlonishwa ngale ndlela ngoba kusho ukuthi uyabonakala umsebenzi wami wokuzikhandla,” kusho uMkhize.
Echaza ngothando nentshisekelo yokufundisa, uMkhize uthe kwakumphula umoya esewumfundi ukubona zonke izincwadi zibhalwe ngabelungu namaNdiya. Ngesikhathi engumfundi eSwelihle High eMlaza, othisha babejwayele ukumcela ukuthi asize abanye abafundi. Lokhu kwatshala uthando lokufundisa. Waqeda * -matric wayofundela ubuthishela eNdumiso College of Education, waqala ukufundisa eMenzi High khona eMlaza. Nakhona wafike wavelela njengoba aqala umkhakha wakwaCommerce.
Uthe abafundi bakhe babeziphuzela nje kwi-Accounting abeyifundisa, bethola o-100%. Wadlulela eZwelibanzi wakhiqiza abafundi abaningi ababe ngamaChartered Accountants. Kuthe eyokwenza iMaster’s e-UKZN nakhona babona ikhono lokufundisa, bamcela ukuthi angene ngokugcwele kulo mkhakha. Ngo-Ephreli nonyaka, uMkhize uhlabane ngeDistinguished Teachers’ Award, e-UKZN, okuyiyona emenze wadlulela kuzwelonke.
“Ngakhethwa yizitshudeni ukuze ngithole le ndondo. Zangicela ukuthi ngithumele umsebenzi wami kubaphathi benyuvesi ngoba zicabanga ukuthi ngiyadinga ukuhlonishwa. Nangampela abaphathi bahlabeke umxhwele, bangihlonipha ngale ndondo,” kuchaza uMkhize.
Okumenza avelele uthe ukuzinikela kwakhe nothando lokufundisa. Akafundisi izitshudeni kuphela kodwa usiza nabafundi bakwa-matric ngamaholidi. Uthando uselutshale nakwindodana yakhe eyenza iMaster’s kule nyuvesi, alekelelana nayo ukufundisa ngamaholidi.
UMkhize ungumbhali wencwadi yakwaGrade 12 ethi: Mathematical Calculations Made Simple. Wenze nocwaningo ngokubaluleka kokuba nolwazi olunzulu lweMaths kubafundi abenza i-Accounting. Lolu cwaningo beluyingxenye yePhd ayenze kusona lesi sikhungo.