UMKHANDLU olawula othisha ufuna bathathelwe izinyathelo ezinqala abafundi abashaya othisha kuleli.
Lo mkhandlu iSouth African Council for Educators (SACE) ugxeke i-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana lapho abafundi ababili besifazane behlaganyela uthisha bamshaya baze bambhuquzise phansi.
Okhulumela lo mkhandlu, uMnuz Themba Ndhlovu, uthe badumele ngale video wathi bayayigxeka kakhulu into eyenziwe yilaba bafundi.
UNdhlovu uthe kudingeka kwenziwe okuthile ukuqeda izehlakalo ezifuze lezi.
Akucaci ukuthi abafundi bakusiphi isikole abenza lokhu kodwa iveza behlanganyela uthisha, bemdonsa ngezinwele bamkhahlele aze alale phansi. Uthisha ubonakala naye engazibekile phansi egadla kodwa bayaqhubeka nokumshaya.
“Kumele kuthathelwe izinyathelo ezinqala abafundi abenza into efuze le. Kudingeka bavikelwe, basekwe baphinde bahlonishwe othisha ngaso sonke isikhathi.”
UNdhlovu uthe izigungu ezilawula izikole nomnyango wemfundo eyisisekelo kumele uthathele izinyathelo ezinqala laba bafundi.
Izinyunyana zothisha zisigxekile isenzo sabafundi sokushaya uthisha. Zihlale zikhala ngokuthi selokhu kwavalwa induku ayisekho enye indlela abangaqondisa ngayo abafundi njengoba uma uthisha eshaye umfundi uthathelwa izinyathelo ngokushesha aze axoshwe emsebenzini.
Izinyunyana zikhale ngokuthi awukho omunye umgomo onikwe izikole ukuthi ziqondise abafundi.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga usigxekile lesi senzo sokushaywa kukathisha ngabafundi.