UMISIWE emsebenzini uthisha ofundisa KwaMbonambi Primary School osolwa ngokuhlukumeza ngokocansi abafundi bamantombazane kulesi sikole.
Lo thisha ofundisa iLife Orientation neNatural Sciences, usolwa ngokuphenya amantombazane athi akukhonjwe izitho zawo eklasini, zishiwo ukuthi ziyini.
Abebengavumi ukusho ukuthi yinkomo, kubikwa ukuthi ubebanenebula ngenduku kangangokuthi abanye babo bebehluleka ngisho ukuhlala.
Umhloli osesekethini lesikole ozibize ngoNgema, uthe ngeke aphawule ngalokhu, wathi uMnyango wezeMfundo awubavumeli. Umzali womfundi ohlabe umkhosi, ubonge Isolezwe ngoMgqibelo ngokushicilela lolu daba ngoba abanye abafundi nabazali bese besatshiswa.
Uthisha umisiwe emsebenzini, wavela enkantolo yeMantshi eMpangeni ngaleli cala.