KUMISWE uthisha wesilisa wasesikoleni samabanga aphezulu oThongathi, ngezinsolo zokwabelana ngezithombe zakhe enqunu nabafundi.
Lo thisha (igama lakhe eligodliwe) kuthiwa usebenzisa enye yezinkundla zokuxhumana iWhatsApp, ukuthumela imiyalezo ekhuluma ngocansi nezithombe zakhe enqunu kubafundi abafunda kulesi sikole.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uveze ukuthi uthisha ubanjwe oqotsheni egila lo mkhuba.
Okhulumela umnyango, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe umnyango awuzihlanganisi nabantu abathinteka ezenzweni zokuhlukumeza ngokocansi.
“Ukuhlukumeza yinto esithanda ukuba yinsakavukela ezikoleni zakuleli.
“Izikole zethu seziphenduke isizinda sobugebengu azisaphephile ikakhulukazi ezinganeni zamantombazane,” kusho uMthethwa.
Uthe umnyango usebenza ngokungakhathali ukuqinisekisa ukuthi amacala alolu hlobo ayasukunyelwa. Uthe ukuthathwa kwesinqumo sokumiswa kukathisha kwenzelwe ukuze kuphenywe ngoba izenzo ezifuze lezi zilimaza abafundi ziphinde zehlise nezinga lokuphasa.
“Izingane zethu zigcina sezibhekana nengwadla yokuhlukumezeka kwalolu hlobo nsuku zonke esikhundleni sokuthi zinake izifundo zazo.
“Ngeke nakancane sibabekezelele abahlukumezi emnyangweni wethu,” kuchaza uMthethwa.
Ngesikhathi ithimba lezintatheli lifike kulesi sikole, lifice idlanzana labazali ebebebhikisha ngaphandle kwamasango aso bephethe izingqwembe ezinemiyalezo ehlukene eveza ukungenami ngesenzo sikathisha.
Kwenye ingxoxo esabalele kwiFacebook okuthiwa iphakathi kukathisha nomunye umfundi oneminyaka engu-17 ofunda uGrade 11 kulesi sikole, uthisha ubhala ngosayizi wobuntu bakhe bese ephawula ngamathanga omfundi.
Naye umfundi uyaphendula, umbuza ukuthi ufisa ukulala nentombazane eneminyaka engu 17 yini? Lo thisha uphendula ngokuthi ngeke anqabe.
Isolezwe lithole ukuthi ubeseneminyaka emibili enza lo mkhuba njengoba kuthiwa ubethumelela abafundi abehlukene izithombe zakhe enqunu, aphinde acele abafundi ukuthi nabo bamthumelele ezabo.