UMISIWE emsebenzini umdansi wase-Afrotainment, uNhlanhla “Sgaqah” Chiliza onecala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-13.
USgaqah (31) uyilungu leqembu Amadada Dancers adansela abaculi base-Afrotainment okungoDJ Tira, Tipcee noDladla Mshunqisi.
Imenenja kaSgaqah, uSenzo Shezi, ithe lo mdansi ngeke abonakale esiteji.
“Inkampani ithathe isinqumo sokuthi imumise uSgaqah kuze kudlule le lifu elimnyama elimgubuzele,” kusho uSenzo.
Uthe bayameseka lo mdansi ngoba akakalahlwa ngecala yinkantolo yomthetho njengoba esahamba icala.
“Akaxoshiwe, usasebenza nathi kodwa umile ukubonakala esiteji. Wenza eminye imisebenzi emqhelanisa namehlo abantu. Uhlukumezekile yena ngale nto kodwa uzoba ngcono,” kusho uSenzo.
USgaqah waboshwa maphakathi nenyanga eyedlule.
Isolezwe labika ngokuthi kuthiwa wacelwa imali, uR8, yintombazane efunda uGrade 8, wayibuza ukuthi ihleli nobani ekhaya yathi ihleli yodwa wase eyilandela.
Unina wentombazane wathi sebesendlini wayiphushela ekamelweni labazali wayehlisa ama-legging nephenti wayifaka iminwe esithweni sangasese.
Ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eThekwini waliphika icala.
USgaqah wadedelwa ngebheyili kaR5 000 ngemuva kokuveza ukuthi uzohlala nemenja yakhe eGreyville. Icala lakhe lahlehliselwa u-Okthoba 5 njengoba kusaqhutshekwa nophenyo.
Kusukela aphuma akakaze abonakale esiteji uma ozakwabo beyonandisa.