Izindaba

UMinnie uvika eyomhlonyane

Nonthuthuko Ngubane|Published

U MINENHLE “ Minnie ” Dlamini emcimbini wakhe womhlonyane obungempelasonto kubo e Durban North U MINENHLE “ Minnie ” Dlamini emcimbini wakhe womhlonyane obungempelasonto kubo e Durban North

NONTUTHUKO NGUBANE

U KHWELE wadilika ngabagxeka ukwenzelwa kwakhe ngabazali umhlonyane umethuli waseThekwini wezinhlelo kuthelevishini, uMinenhle “Minnie” Dlamini (24).

Izolo uMinnie ubhoke ngolaka ephendula labo abebethi akufanele enzelwe umhlonyane ovame ukwenzelwa izingane zamantombazane uma sezithomba.

UMinnie wenzelwe umcimbi ngempelasonto kubo eDurban North kodwa sekuqubuke ukuphawula nokuphikisana ezinkundleni zokuxhumana nakwizazi zamasiko esiZulu.

Isolezwe libikile ngomcimbi ngoMsombuluko kwavela nokuthi uMinnie ubegongqile, wagcoba ibomvu, walanda nomkhonto komalume wakhe.

Uze wayibhikla nengoma esina esigcawini.

Izolo uMinnie ubhale incwadi eshisayo ekhasini lakhe kuFacebook lapho ethe khona abantu “ababheke ezabo, bahlukane nomndeni wakhe”.

“Naka ezakho. Imizi kayifani nangendlela okwenziwa ngayo. imikhuba namasiko akufani kodwa bonke basuke bebheke esikweni elilodwa. Imindeni ehlukene inendlela yokwenza izinto. Ubaba uDlamini oyinhloko yomuzi, babonisana nomama ukuthi sekufike isikhathi ukuba ngenzelwe umcimbi. Nami bengingazi ngomhlonyane, bengazi umemulo kuphela kodwa ngachazelwa ukuthi uyini futhi uchaza ukuthini njengoba bengenzele wona. Abazali bami nomndeni wami bebezimisele ukuba bangenzele umemulo kodwa bekumele balinde idlozi lazi ukuthi sengikhulile sengiyintombi ngokugcwele, yingakho bekumele ngenzelwe umhlonyane kuqala,” kusho uMinnie.

Uthe umhlonyane wenziwe belandela abakutshelwa nguNkk Lindiwe Luthuli (MaMpanza). Uthe ngokuthola kwakhe umhlonyane ungenzelwa ngisho umuntu oshadile nathe lokhu kuqinisekiswe nguSolwazi uSihawu Ngubane.

Uthe nobabekazi wakhe, uDuduzile Dlamini, uthe izindlela zokwenza umemulo nomhlonyane ziyafana, umehluko kuba wukuthi ngubani oqhuba uhlelo lomkhonto phakathi komkhwenyana wentombazane noma abakomalume bentombi esuke yenzelwa umhlonyane.

“Ubaba nomama uMaMpanza bebengalandeli imiyalelo ebhalwe phansi eyashiywa ngabadala basekhaya ngoba ayikho leyo mibhalo abayishiya. Bebekwenza lokhu belandela ulwazi lwabo nalokhu abakubona kwenziwa kwaDlamini. Kuhamba kahle nedlozi lethu, angazi ukuthi ukuphikisana okungaka nokuthi senze izinto ngendlela engafanele kuvelaphi,” kusho yena.

Ukucacisile ukuthi umcimbi uwenzelwe ngabazali bakhe futhi ubungeke ufane nowenye intombazane nathe ngisho noma bekungathiwa unodadewabo bekungenzeka izinto zihluke.

Ugcine esephikisana nabalandeli abanye bemtshela ukuthi uyadukisa kodwa abanye bemeseka.

Uthe yena akakaze akipite nomfana njengoba abanye bethi yihlazo ukwenzelwa umhlonyane umuntu okipitile.

Lokhu bebekushiso yimibiko yokuthi ubehlala nonozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, abethandana naye.