UZOGWETSHWA ngoLwesithathu eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uNobhala we-ANC esifundeni KwaDukuza, esesibizwa ngeGeneral Gizenga Mpanza. UMnuz Musa ‘Tilolo’ Zondi (33) ngoLwesine ulahlwe yicala lokuthumba nokubulala okuthiwa walenza ngo-2015.
Kuthiwa uZondi enabanye abalisa batalabha umufi uMnuz Thandanani ‘Macosha’ Moyane bemsola ngokweba esitolo sikaZondi esiseNtunjambili eKranskop. Kuthiwa baqala ngokumthumba isikhathi eside bemtitinya bempheka ngemibuzo, bemesabisa baze bagcina bembulele.
Imithombo elwazi kahle udaba ithi kwatholakala ukuthi kunesibhamu esasebenza ngesikhathi kubulawa umufi njengoba kuthiwa wadutshulwa.
UZondi wehlelwa yilokhu nje ubesanda kukhethwa ngaphandle kokuphikiswa kwesokuba unobhala, engqungqutheleni ebingoMeyi. Ngaphambi kwalokho ubephethe isikhundla esifanayo kwi-ANCYL khona esifundeni.
I-ANC KwaZulu-Natal ithathe isinqumo sokumisa lo mholi esikhundleni njengoba elahlwe ngamacala, ibeka isizathu sokuthi ifuna ukumnika ithuba nomndeni wakhe ukuba babhekane nalesi simo kahle.
Okhulumela le nhlangano esifundazweni uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthe uNobhala wenhlangano uMnuz Mdumiseni Ntuli uzoba nomhlangano kusasa nobuholi besifunda KwaDukuza lapho kuzonqunywa khona ukuthi kwenziwa njani ngesikhundla ebesiphethwe uZondi.
“Ubuholi buzohlala emuva kwalokho unobhala abonane namagatsha ukuze kucatshwe indlela eya phambili ngodaba,’’ kusho uNkk Simelane-Zulu.
UZondi wuyena obehola umbhikisho omkhulu ngezinsolo sokucwasa ngokwebala esikoleni Umhlali Preparatory lapho okwakudume khona ukuthi abantu babandlululwa bukhoma. Uphinde waba sekhaleni leminye imibhikisho eJunction Mall nasesisibhedlela iKwaDukuza Private.
Amalungu enhlangano abelokhu ebhale njalo kuFacebook ngaphansi kwegama likaZondi, ezwelana naye ethi azomeseka ebunzimeni abhekene nabo.