USESHINTSHE isibongo umhlaziyi owaziwayo wezepolitiki kuleli ngoba efuna ukulandela isiko lamaNguni.
UMnuz Makhosini Nkosi ongumhlaziyi wezepolitiki, ubhale kwiTwitter ngeSonto ukuthi useshintshe isibongo, usenguMakhosini Mgitywa.
Uthe uthathe isinqumo emva kokuthi enze ucwaningo ngemvelaphi yakhe. Ucwaningo ulwenze emva kokuthi ethathe isinyathelo sokubhala incwadi ngempilo yakhe, kusukela esasabenza eyintatheli nokubheka nje emuva ngempilo yakhe.
Uthe uMgitywa yigama likayisemkhulu ozala uyise, okunguyena owametha igama elithi Makhosini.
“Ngenkathi ngenza ucwaningo ngithole ukuthi umkhulu igama lakhe uMgitywa. Kanjalo nozala umkhulu naye uMgitywa kuze kube yisizukulwane sesithathu esizibiza ngoMgitywa,” kusho uMgitywa.
Ngenxa yaleli gama likayisemkhulu kuze kuyoshaya esizukulwaneni sesithathu, ubonile ukuthi kumfanele ukuthi azibize ngalesi sibongo.
Uthe ngenkathi enza ucwaningo uthole ukuthi leli gama libhalwe ngesiXhosa kuze kube yisizukulwane sesithathu ngaphambi kukayisemkhulu.
“Ubaba uzibiza ngoNkosi, okuyisibongo sesiSwati. Mina angizazi noma nginguMxhosa noma nginguMzulu,” echaza.
Ebuzwa ukuthi kungani ethathe lesi sinqumo manje emva kwesikhathi eside kangaka ezibiza ngoNkosi, ubuze ukuthi bekumele kuze kube nini. Uthe yisona isikhathi ebesesifikile sokuthi azibize ngoMgitywa.
Mayelana nokuthi akubanga khona yini ukungqubuzana noyise ngesinqumo asithathile, uthe akubuzwa kodwa ayikho into ebingenziwa ngoba bese kufike isikhathi sokuthi lokho kwenzeke.
Mayelana nokuthi kukhona yini isiko alenzile ukuguqukela ekuzibizeni ngalesi sibongo esiyigama likayisemkhulu, uvumile wathi: “Kuyimanje ngigqoke isiphandla kodwa ngizocela ukungangeni kweminye imininingwane ngalokho,” kusho uMgitywa.
Engxoxweni abe nayo neSolezwe ubelokhu ekugcizelela ekukhumbuza intatheli ebilokhu imbiza ngoNkosi, athi: “NginguMgitywa njalo, ungakhohlwa.”
Uthe kungakuhle futhi ukuthi uma sebevumelene, kuhlatshwe imbuzi kugcwaliswe isivumelwano emadlozini.
Kwenzeka konke lokhu nje, akukapholi maseko umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Aubrey Matshiqi esanda kuzibiza ngokuthi usenguGogo Matshiqi ngenxa yezinkolelo zakhe.