AYIYINTSHA indaba yokuzibana kosopolitiki baze bangaxhawulani kodwa ayivamisile ukwenzeka esidlangaleni.
Lokhu kushiwo wumhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, emuva kokuthi iMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, izibe uNobhala Jikelele we-ANCYL, uMnuz Thanduxolo Sabelo, ngesikhathi eyibingelela emcimbini we-ANC obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto.
“Akuqali ukuthi uma kunokuphambana kwemibono kosopolitiki bazibane njengoba kwenze iMeya kuThanduxolo. Kuzokhumbuleka ukuthi kwenzeka ngo-2015 ngesikhathi uSihle Zikalala eziba uSihlalo weSACP, uSenzeni Zokwana. Wabuye waxolisa ngokuhamba kwesikhathi. Yisimo esivamisile kodwa esingajwayele ukubonakala emphakathini. Siyethusa nokho uma senzeka esidlangaleni,”
Uthe i-ANCYL KwaZulu-Natal ishintshe indlela eyenza ngayo uma kuqhathaniswa nendlela eyayiziphethe ngayo ngesikhathi isaya eNasrec.
“Mhlawumbe iMeya yeTheku isadla ngoludala yize i-ANCYL isihambisana nezinqumo zikazwelonke. Uma kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwabaholi bavamise ukubhekana nakho ngaphakathi bese uma besesidlangaleni babingelelane. Kuyathusa kakhulu uma sebekugqamisa nangaphandle,” kusho uKhumalo.
Kubi @ANCKZN ibhekene ngeziqu zamehlo , Mayor Zandile Gumede refused to shake a hand of KZN ANCYL Thanduxolo Sabela pic.twitter.com/cmzl7gh4L4
— Fighter ✊Vote EFF (@Sbudamoore) March 24, 2019
Imizamo yokuthola umbono kaNkk Gumede ayiphumelelanga. Abamkhulumelayo bathe ngeke bakwazi ukuphawula ngoba udaba luthinta ipolitiki.
UNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Bheki Ntuli, uthe bayibone ezinkundleni zokuxhumana indaba yeMeya yeTheku noNobhala we-ANCYL bebengakezwa lutho kwabathintekayo.
“Sizoba nomhlangano wesifunda okuzoba khona kuwo uSihlalo wethu, sibize ubuholi be-ANCYL KwaZulu-Natal nobuholi be-ANC esifundazweni ukuthola ukuthi kwenzekeni. Ukusabalala kwe-video kwakha isithombe sokuthi izinhlaka ze-ANC azisebenzisani kanti zibumbene. Sizothola ngokwenzekile uma sesibe nomhlangano.”
UMnuz Thanduxolo Sabelo ubhale ekhasini lakhe leFacebook ukuthi akanayo inzondo futhi uyakuqonda ukuthi uma kunokungaboni ngaso linye njengamanje akusho ukuthi kuyohlale kunjalo.
I-ANCYL eThekwini isigxekile isenzo sikaNkk Gumede yathi ziningi izinkinga ezibhekene nabantu abasha eKZN.
U-Adv Nomagugu Simelane-Zulu okhulumela i-ANC eKZN, uthe bazophendula esithangamini sabezindaba esizoba namhlanje
ngo-12.