UMNYANGO wezokuMbiwa Phansi uthi uzohlangana neziphathimandla zaseSibanye, eStillwater eGoli ngenhloso yokuzama ukunqanda ukushona kwabavukuzi.
Umnyango uveze lokhu ekomitini lezokumbiwa phansi ePhalamende ngemuva kokutholakala kwesidumbu sesishiyagalolunye emayini yaseStillwater, ngoLwesibili.
UMqondisi-jikelele eMnyangweni wezokuMbiwa Phansi, uMnuz Thabo Mokoena, uthe bebeseSibanye benebamba lomphenyi omkhulu beyohlola isimo.
UMokoena uthe uNgqongqoshe womnyango wabo, uMnuz Gwede Mantashe, uzoba nomhlangano kuleli sonto neziphathimandla zaseSibanye ukuze babheke ukuthi kungabhekwana kanjani nale nselelo.
Kuthiwa abasebenzi abahlanu bangene emayini engasasebenzi ongangeni kahle umoya kuyona ngoMsombuluko. Abathathu kubona bashone ngawo uMsombuluko.
Umvukuzi oyedwa usavalelekile emathunjini omhlaba kanti abathungathi basambheka.
Imayini inezibalo eziphezulu zokushona kwabavukuzi kusukela kuqale unyaka kuthiwa sebengu-19 asebeshonile.
USihlalo wekomiti, uMnuz Sihlulele Luzipo, unxuse umnyango ukuba uthathele izinyathelo zonke izinhlaka ezithintekayo ngokushona kwabavukuzi kubalwa neziphathimandla zemayini.
“Ngifisa ukwazi ukuthi bathini ababambe iqhaza emayini uma sebethola imali yabo, bethola imali kube kufe abavukuzi, akumele ukuthi kube imfashini ukuthi abantu bafe ngale ndlela,” kusho uLuzipo.
UMokoena uqinise idolo amalungu ekomiti wathi umnyango wabo uzophenya uze ufike ezimpandeni zalolu daba bese ubathathela izinyathelo abanamacala.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi imithetho yezokuphepha yasezimayini iyalandelwa,” kusho uMokoena.
Izinyunyana sezinxuse uMantashe ukuba azithathele izinyathelo izimayini ezingayilandeli imigomo yezokuphepha.