UMASIPALA waseMgungundlovu uhamba phambili ngabantu ababulawa yiCovid-19 uma uqhathaniswa nabanye omasipala bakwaKwaZulu-Natal.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala izolo, uthe u70% wabantu ababulawa yiCovid-19, KwaZulu-Natal ngabaseMgungundlovu.
"ITheku libanabantu abaningi abahaqwa nababulawa yileli gciwane kodwa uma kuhlaziywa kahle izibalo kubhekwa ukuthi umasipala ngamunye unabantu abangakanani, kuyabonakala ukuthi uMgungundlovu uhamba phambili ngoba izibalo zababulawa yigciwane azilindelekile kumasipala ongangawo," kuchaza uZikalala.
Usho kanjena nje izibalo zakamuva ezikhishwe uMnyango wezeMpilo kuleli, zikhomba ukuthi isibalo sababulawe yiCovid-19 kuleli sesifinyelele ku-30 000. KwaZulu-Natal bangu-4 713 ababulawe yigciwane, abahaqwe yigciwane kulesi sifundazwe bangu-217,432. Ezinye izifundazwe ezinabantu abaningi abahaqwa yigciwane yi-Eastern Cape enabantu abangu- 174 176, iWestern Cape enabantu abangu- 221 657 neGauteng enabantu abangu- 301 212 abaneegciwane.
USolwazi Andrien Puren wesikhungo esicwaninga ngezifo ezithelelanayo kuleli, iNational Institute For Communicable Diseases (NICD), uthe ukwenyuka kwezibalo zabahaqwa yileli gciwane kulezi zifundazwe, ikakhulukazi e-Eastern Cape, kudalwa ukuthi abantu abaqikeleli ukulandela imithetho ebekiwe yokunqanda ukusabalala kwalo, ukushoda kwe-Oxygen namagumbi okunakekela iziguli ezigula kakhulu, iHigh Care ne-Intensive Care Unit (ICU) ezikhungweni zezempilo ezizimele nezikahulumeni.
Mayelana nokuthi uhlobo lwe-Covid-19 lwakamuva lwenza okwehlukile emzimbeni wabantu abasha, uthe okwamanje alukho ucwaningo olusenziwe olufakazela ukuthi igciwane seligadla ngendlela ehlukile kunelasekuqaleni kubantu abasha, nokuthi elakamuva linamandla kakhulu kunelasekuqaleni.
" Esikwaziyo ukuthi izikhungo zezempilo ezikhona kuleli ziyehluleka ukumelana nomthamo weziguli ezinegciwane, okuholela ekutheni abantu bashone," kusho yena.