USIHLALO wekomiti eliluleka ongqongqoshe abasemkhandlwini weCovid-19 kuleli iMinisterial Advisory Committee, uSolwazi Abdool Salim Karim, uthi isivunguvungu sesithathu seCovid-19 silindeleke phakathi kuka-Juni noJulayi kuleli.
"Ngaphambi kwesivunguvungu sesithathu kungenzeka igciwane elikhona njengamanje libe selizishintshile, okungenza ukuthi imigomo ekhona ingabe isasebenza. Isivunguvungu sesithathu sizobe sinamandla kakhulu. Isivunguvungu sesibili esesidlulile besinamandla kunesokuqala kusho ukuthi esesithathu sizoba namandla engaphezulu kwalezi esezike zabakhona,” kusho uSolwazi Karim.
Uqhube wathi nakuba bungakabi khona ubufakazi balokhu, kepha lokhu ukusho ngenxa yokuthi babuka indlela leli gciwane elenza ngayo. Wathi kunamathuba amaningi okuthi ngasekupheleni konyaka kube nesivunguvungu sesine. Ososayensi bakholwa wukuthi noma ukugoma sekuqaliwe kodwa isekude ukunqotshwa impi yaleli gciwane.
Umeluleki kaNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo kuleli, uDkt Aquina Thulare, uthe akulula ukuvika isivunguvungu sesithathu.
“Sesike sabona kwamanye amazwe ase-Europe, e-Asia nase-US eba nesivunguvungu sesithathu. Akulula ukuthi ukwazi ukuthi kumele ulindeleni ngaleli gciwane. Kuningi esesikufundile ngalo kodwa njengoba abantu bengakavikeleki ngobuningi, silindele noma yini . Ukuze abantu bavikeleke ngobuningi sidinga ukugoma abantu abangu-40 million. Kungenzeka kuthathe unyaka ngaphambi kokuthi lokhu kwenzeke," kusho uDkt Thulare.
USolwazi Tulio de Oliviera weNyuvesi yaKwaZulu-Natal obuye abe ngumqondisi wesikhungo esenza ucwaningo iKwaZulu-Natal Research Innovation and Sequencing Platform (KRISP), uthe leli gciwane liyafunda bese lizishintsha ukuze liqhubeke liphile.
“Zintathu izinhlobo zaleli gciwane esezikhona kuleli elase-UK eselizishintshile, elitholakale eJapan okubuye kwathiwa ngelaseBrazil kanye 501Y.V2. Zontathu lezi zinhlobo zingakwazi ukushintshashintsha kaningi. Okwamanje asazi ukuthi yini eyenza ukuthi kuvele lamagciwane akamuva," kusho uSolwazi Oliviera.