USUKU olubhalwe emgomeni olusho ukuthi uphelelwa nini isikhathi alusho ukuthi uzobe sewonakele.
Usihlalo wekomiti eleluleka umkhandlu wongqongqoshe ababhekele iCovid-19 kuleli, iMinisterial Advisory Committee (MAC) , uSolwazi Abdool Salim Karim, uthe kunokudideka kubantu mayelana nokuthi umgomo weCovid-19, i-AstraZeneca obhalwe ukuthi uzophelelwa yisikhathi ngo-Ephreli bacabanga ukuthi ngemuva kwalokhu uzobe sewonakele.
Echaza ngalokhu uthe imigomo emisha siyelulwa isikhathi esisuke sibhalwe kuyo ngoba esisuke sibhaliwe kusuke kungesokuthi uhlolwe ukuthi ungaqhubeka uhlale isikhathi esingakanani ngoba kusuke kungakaziwa ngoba usuke umusha.
" Kungenzeka uhlale ezinye izinyanga eziyisithupha kuya kweziyisishiyagalombili usasesimeni," kusho yena.
Uthe umgomo we-AstraZeneca ngeke ulahlwe, ososayensi basawuhlola ukuthi ungasetshenziswa kanjani.
" Esikwaziyo ngalo mgomo ukuthi ulwa nokuthi abantu bagule kakhulu baze balaliswe ezibhedlela kodwa ubavikela kwi-Covid-19 engazishintshile. Esingakwazi ukuthi ngabe wenza okufanayo yini kuleli gciwane eselizishintshile elihlasela abantu abaningi kuleli," kuchaza uSolwazi Karim. .
Uthe u80 kuya ku90% wabantu bakuleli bahlaselwa yigciwane elisha eselizishintshile, abahlaselwa iCovid-19 engazishintshanga balinganiselwa ku-10%.
Uthe abakhiqizi bemigomo abaningi sebeqalile ukwenza eminye imigomo ezoba yisengezo esizobhekana nezingxenye zegciwane eselizishintshile okwaziwa nge-reboost.
" Okumele sikuqonde ukuthi impilo ngeke isabuyela esimeni ebiyiso ngaphambi kweCovid-19 ngoba igciwane kubukeka sengathi lizolokhu lizishintsha ukuze libe namandla kakhulu. Ezinyangeni ezintathu kulindeleke ukuthi sibe nesivuvu sesithathu, asazi noma siyobe sesifika negciwane eseliphinde lazishintsha futhi. Ngasekupheleni konyaka silindele ukuthi kube nesinye isivuvu. Kusazophela iminyaka eminingi silwa naleli gciwane. Okusho ukuthi uma ugomile kusengenzeka uphinde ugome nge-reboost uma igciwane selizishintshile," kusho yena.
Usho kanjena nje uMqondisi wenhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), uDkt Tedros Ghebreyesus, uthe le nhlangano ijube ithimba longoti bemigomo , iStrategic Advisory Group of Experts on Immunization (SAGE) ukuthi bacubungule imiphumela yalolu cwaningo bese benza izeluleko ezifanele.
" Lolu cwaningo ngabantu abayisibalo esincane, abaphile kahle, sidinga ukwazi ukuthi ngabe lo mgomo uyalwa yini nokugula kakhulu ngenxa yeCovid-19," kusho yena.