UMGIBELI uphenduke iqhawe eshayela itekisi sekudutshulwe kwabulawa umshayeli kasoseshini iZamukulungisa, eVerulam, ngoMgqibelo.
Kufe usomatekisi (35) kwalimala umgibeli bedutshulwa eVerulam ebusuku ngoMgqibelo.
Abezimo eziphuthumayo kwaReaction Unit South Africa (RUSA) bathi itekisi ifike emahhovisi abo ishayelwa obengumgibeli kulandela ukudutshulwa komshayeli.
Ngokusho kwabo ngesikhathi kudubuleka umshayeli nomunye umgibeli obehlezi phambili, obehlezi ngemuva ususe umshayeli esihlalweni sakhe wabe eseshayela eyofuna usizo lwabezimo eziphuthumayo. Ngeshwa akukho abebengakwenza ukuhlenga umshayeli ngoba ushonele etekisini, olimele uphuthunyiswe esibhedlela. Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele izolo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe baphenya icala lokubulala.
Isolezwe lithole ngomthombo ocele ukungadalulwa ukuthi kusolwa umbango wemizila kusoseshini ngokudutshulwa komshayeli.
UMnuz Sfiso Shangase oyimenenja ehhovisi leSantaco esifundazweni, uthe badumele ngokuthi kukhona abantu abasadutshulwa.