Izindaba

Umfundisi wesifazane nezinkonzo zokuhlanjululwa kwabaphuphunyelwa yizisu

Nkosikhona Cele|Published

UMFU Noxolo Nkabini ohlela izinkonzo zokuhlanjululwa kwabesifazane

Image: SITHUNYELWE

UMFUNDISI wesifazane ophinde abe nguMphrofethi ukhuthaza abesifazane abake baphuphunyelwa yizisu ukuba bazihlambulule.

UMfu Noxolo Nkabini ongumholi webandla laseZayoni i-Ethiopian Association Church of Christ in Southern Africa ukhulume kanjena njengoba ezoba nezinkonzo zokukhulekelwa kwalaba besifazane kanye nokuhlanjululwa kwabo.

Uveze ukuthi lesi yisimo esijwayele ukuthi sigcine siyisibopho kubantu besifazane abehlukene uma bengazange basisukumele ngokushesha.Uthe lezi zinkonzo zizokuba seClermont entshonalanga yeTheku njalo ngoLwesihlanu.''Baningi abantu besifazane ngokuhamba kwesikhathi oye uthole ukuthi bagcina sebeba nezinkinga ezahlukene ngenxa nje yokuthi bake baphuphunyelwa yizisu abanye bazikhipha,'' usho kanjena.

Uthi okudala ukuthi asukumele le nto wukuthi ingumyalelo ovela kuNkulunkulu nasethongeni lakhe ukuba abhukule abalekelele abesifazane ukuze bangazitholi sebephila impilo enzima ngenxa yesimo esingaxazululeka.

''Iqiniso wukuthi lena yinkinga exazululekayo kodwa kuphela uma uphumela obala ngayo kunokuthi uthule. Inkinga wukuthi kunabanye besifazane abakufihlayo lokhu bangabatsheli ngisho abantu abathandana nabo,''usho kanjena.

Uthe ubona kusemahlombe akhe ukuthi awulalele umyalelo kaNkulunkulu ngokuthi zibe khona izinkonzo zalolu hlobo zokulekelelwa kwalaba besifazane.Ukhulume nangabesifazane abesabayo ukuba ngabaholi uthe kulesi sikhathi samanje kudingeka uhlobo lwabesifazane olungesabi kodwa olunesibindi sokwenza izinto zenzeke.''Mina ngikholwa wukuthi uma ungumuntu wesifazane kumele ukwazi ukuma ubhekane nanoma yisiphi isimo kungakhathaleki ukuthi sinzima kangakanani,''usho kanjena.

Uthe abafisa ukuba yingxenye yalezi zinkonzo bangamthinta enombolweni ethi :071 582 3624