USHIYE isigubhukane umfundisi webandla labasindisiwe iGod Never Fails emuva kokuvela kwezindaba zokuthi ujole nelungu lebandla waze walikhulelisa. UMfu Mthunzi Shabalala ushiye engasavalelisanga ebandleni likaMbhishophi Nhlapho, egatsheni laseThekwini ngoba bese kufanele avele phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngalesi senzo sakhe. Ngokusho komthombo ongaphakathi, uShabalala ubejola nentokazi yaseMlaza esiligodlile igama layo ukuvikela umntwana.
"Kuthiwa baqala ukujola nayo kusukela ngo-2018 kwathi ngonyaka olandelayo bathola umntwana. Yonke le minyaka bebeyifihlile le ndaba ngoba ubesathandana nale ntombazane. Ithumba lize laqhuma ngoba eseyilaxaze phansi wajola namanye amantombazane ekubeni ayeseyithembise izulu nomhlaba," kusho umthombo. Uqhuba umthombo uthe uShabalala ube esebaleka ebandleni maqede wasungula elakhe azolethula eMpangeni namhlanje i-Eagle Mountain Prophetic Church.
Ethintwa uShabalala uvumile ukuthi usenezinyanga ezimbili azishiyele eGNF kodwa wenqaba ukuphawula ngodaba lwengane.
"Angithandi ukukhuluma ngaleyo ndaba. Buza labo bantu abakuxoxele lokho ngiyethemba banemininingwane egcwele," kushaya uShabalala ngezinqamulelayo. Ecashunwa enkulumweni ayethule esiteshini sakhe sethelevishini iGNF TV futhi Isolezwe NgoMgqibelo elinayo, umsunguli waleli bandla uMbhishophi ND Nhlapho, ukuqinisekisile ukuthi uShabalala akaseyona ingxenye yebandla ngenxa yamanyala awenza.
"Umfundisi wafika ezovalelisa eGNF, kwaba kuhle lokho. Nami ngamkhulula." Uthe uShabalala wabuye wayobonana noMfu SD Gumbi afika kuye ehambisana nomama nomntwana. Uthe yilapho uShabalala ahlambuluka khona ngokuthi wajola waze wakhulelisa ilungu lebandla.
"Ebesikulindele njengebandla eliphila ubungcwele, sathi kuhle ayoxolisa ebandleni. Wabe esenquma ukuthi yena uyahamba." UNhlapho uthe abazalwane bangamangali uma bebona sengathi iGNF ayimesekeli yingoba bengafuni ukuzihlanganisa namanyala kaShabalala.
"Asikhulumi ngomjolo kuphela kodwa kuze kwaba nengane eneminyaka emibili ebifihliwe. Akahambanga kahle, ubalekile wathi akayoqala elakhe ibandla," kuphetha inkulumo kaNhlapho. Imizamo yokuthola ukuphawula kaNhlapho nonina wengane ayiphumelelanga. Ngokwesitatimende esithunyelelwe Isolezwe NgoMgqibelo ibhodi lebandla lithathe isinqumo sokuba kungabikhona lungu leGNF eliphawula kwabezindaba ngodaba lukaShabalala, “ngisho noMbhishophi imbala. Yize kunjalo siyayihlonipha imithombo yezindaba ukuba yenze umsebenzi wayo ngendlela efanele...”