KUSHAQEKE abazalwane kwaphazamiseka inkonzo isikhathi esingangehora ngesikhathi umfundisi eveza ukuthi usebenzisa inkosazane yasemanzini, okuyisilwane sasemanzini okunenkolelo yokuthi simise okwentokazi ngasenhla nenhlanzi ngezansi.
Odalule lezi zindaba ezishiye abazalwane bekhexile, uMfundisi Bongani Gumede (31) webandla Ubizo International Church.
Ubekhuluma ngempelasonto kwindumezulu yenkonzo kaJulayi yaleli bandla ebibanjelwe etendeni ebeligxunyekwe KwaMakhutha.
UGumede uthe lena yimfihlo emayelana nenhlanhla yakhe. Uthe le nhlanhla uyilanda emfuleni ongaseRiverside eMzimkhulu lapho kuhlala khona lesi silwane, yize yena edabuka endaweni yaseKorinte. Uthe izinkumbi zabantu abathutheleka masonto onke kuleli bandla, umcebo wakhe, yimfuyo egcwele isibaya, yizimoto zikanokusho nemizi yakhe, konke lokhu kungamandla ale nkosazane yasemanzini.
UGumede waziwa nayingane encane eMzimkhulu ngenxa yamagalelo akhe ekwelapheni nasekusizeni abantu abahlwempu. Uthe waqala ukuxhumana nalesi silwane esafunda ezikoleni zamabanga aphansi.
“Ngangineminyaka engu-11. Ngangivamise ukuphuma esikoleni ngiqonde kulesi siziba ngiyoxhumana nenkosazane. Abantu babexakeka ukuthi yini lena engivamise ukukhuluma nayo kulo mfula kanti yile nkosazane. Ekhaya baze bayohlola komunye umthandazi wakwaDlamini, wafike wabatshela ukuthi mina ngizokwelapha abantu ngenxa yamandla enginawo,” usho kanje.
Uthe nasesikoleni washiya kwaGrade 11. “Nakhona ngangifinyelele kanzima kuwo ngenxa yalo lolu bizo.”
Ngokwakhe, baningi abantu asebasizile ngenxa yamandla awathola kulesi silwane.
“Kunenqwaba yabefundisi abaziwayo abeza kumina ukuba ngibayise kwinkosazane ukuze ibandisele abazalwane. Nezikhulu zamaqembu ebhola zifika zidedelana. Abanye bayaba nenhlanhla yokuzikhulumela nenkosazane noma kube yimi obakhulumelayo,” echaza.
Nakuba Isolezwe ngoMgqibelo belizifikele mathupha kule nkonzo kodwa lithe uma lithinta lo mfundisi ngemuva kwenkonzo, wakuqinisekisa ukuthi abekusho bekuyiqiniso.
“Yona inkonzo ike yama ihora lonke kodwa ngiyazi abathukile yilabo ebebeqala ukuza enkonzweni yami.”
NangoLwesine uthe abantu bebesaqhubeka nokuhambela emfuleni. “Ngikhuluma nje kunabantu abangaphezu kuka-200 abavela ngisho nasemazweni angaphandle.”
UGumede ugonyuluka ngalolu daba nje, kuhlaluka ukuthi kukaningi abantu bakule ndawo bemsola ngokuthi uthwele okuyinto ayiphikayo.
“Mina angithwele, phela umuntu othwele kuyafiwa kwakhe. Mina akukaze kufiwe lapha ekhaya, izingane zami zonke zisaphila. Le nkosazane nje yenza izinto zenzeke ngaphandle kokubulala abantu,” usho kanje.
Kubazalwane abakhulume naleli phephandaba, abanye bathe yize beshaqekile kodwa basazobambelela kuGumede ngenxa yokuthi kunemindeni ayondlayo nezingane azifundisa ezikhungweni zemfundo ephakeme.