Izindaba

Umfundisi (73) owabulala intombi nabazukulu uzogugela ejele

Nontuthuko Ngubane|Published

UMFUNDISI ogwetshwe iminyaka engu-25 ebhadla ejele ngecala lokubulala intombi nabazukulu bayo. Isithombe: SITHUNELWE

UMNDENI ujabule ngesigwebo seminyaka engu-25 esinikwe umfundisi oneminyaka engu-73 ngecala lokubulala intombi yakhe nabazukulu ababili bentombi.

UThemba Mkhize (73) ugwetshwe ngecala lokubulala intombi yakhe, uNksz Khanyisile Thule Sibiya (46), nabazukulu bentombi, uNomcebo (8) no-Asemahle (5), abaklajwa umzimba wonke nasemakhanda ngocelemba eHopewell, ngaphandle kwaseMgungundlovu, ngonyaka odlule.

UMkhize, okuthiwa ngumfundisi wasePresbyterian, ugwetshwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.

Uzivumele yena amacala, wathi ngelanga lesigameko, ngoDisemba 6, wayemhlanganweni wesitokofela, bafike baphuza ugologo. Uthe intombi yakhe, ababehlangane nayo ngoNovemba 2020, yayimvakashele. Kwafika abazukulu bayo nabo bezovakasha ngoba belandela intombi yakhe. Uthe wafika kubo wathenga obunye utshwala baphuza nodadewabo. Uthe baxabana nentombi ifuna imali, yamdonsa ngamankwahla, wabe esedinwa ethatha ucelemba wayiklabha. Uthe izingane zavuka, esebona ukuthi zimbonile ebulala ugogo wazo, wabe esezibulala nazo ngokuziklabha ngocelemba. Uthe walala, wavuka ekuseni esekhohliwe ukuthi wenzeni. Uxolisile emndenini, wathi wayengaqondile ukubabulala.

UNkk Dolly Zuma, indodakazi kaNksz Sibiya, izolo ithe bajabule ngesigwebo kodwa kusenzima ukuba bamxolele umbulali.

“Besikhona enkantolo egwetshwa ngoLwesithathu. Njengomndeni sijabule ngesigwebo asitholile ngoba iminyaka engu-25 umuntu ngamunye, umthetho udlale indima yawo. Noma engeke esabuya umama nezingane. Asikwamukelanga akushilo njengembangela yokubabulala, usho izinto eziningi. Ubelokhu eqamba amanga enkantolo.

Waxolisa kodwa asikwamukeli lokho ngoba uze wagwetshwa efihlile nokuthi isidumbu wasibamba nobani ngoba esikamama satholwa sifihlwe ngasethoyilethe ngaphandle kwendlu. Kuyimanje siyizintandane,” kusho uNkk Zuma.

UMkhize ugwetshwe iminyaka engu-25 ngokubulala intombi kodwa wacela sehliswe, kwaba yiminyaka engu-15. Izingane ezimbili, ugwetshwe iminyaka engu-25 ngayinye. Uzohlala iminyaka engu-25 ejele njengoba izigwebo zizohambisana.