BEKUYIPHUPHO lakhe leminyaka ukuyodlala phesheya umfundi wesikole samabanga aphezulu oqokelwe ukuyodlala kwiNdebe yoMhlaba yeRugby, eMalaysia.
USange Matebese (17) ofunda uGrade 12 eDurban Girls High, uqokelwe ukuyodlala eqenjini leTouch Rugby Under 18. Lo mfundi odlala iRugby nasesikoleni, waqala ngo-2016 ukudlalela iqembu lesifundazwe kulo mdlalo osenabamnyama abambalwa. Ngaphandle kokudlalela iqembu lesifundazwe, uphinde aqeqeshe elesikole.
“Ngangivele ngibatshelile abazali bami ukuthi ngelinye ilanga ngiyodlala kwindebe yomhlaba. Ngiwumuntu okholelwa ekufezeni wonke amaphupho,” echaza.
USange wayevele ekhethiwe ukuyodlala phesheya ngonyala odlule kodwa wabanjwa umdlalo weshashalazi. Uyilungu leYoung KZN Perfomers adlala kulo imidlalo yeshashalazi.
“Kwakusele isonto ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo weshashalazi ngesikhathi ngiqokelwa ukuyodlala phesheya ngonyaka odlule. Ngenxa yokuthi angifuni ukuqala into ngingayiqedi, ngakhetha ukuqhubeka nomdlalo weshashalazi,” kusho uSange.
Okumenze wakwazi ukuqokwa ukuyodlala phesheya kulo nyaka ukuthi wabonwa umqeqeshi edlala kwiSenior Inter-Provincial Tournament eqenjini labesifazane. USange usesungule neqembu lakhe leTouch Rugby elibizwa ngamaScorpions. Useqeqesha nomfowabo omncane naye osedlalela iTouch Rugby Under 15 esifundazweni. Unina uNkk Busi Sange uthe uyabamangaza umfutho wendodakazi yakhe. Uthe ubamba kwasani kodwa aphumelele kukho konke.
“Kulo nyaka kudingeke ukuthi ayeke ukwenza ezinye izinto ukuze agxile ezifundweni nakwi-Rugby,” kusho yena.
USange Matebese (17) ofunda uGrade 12 eDurban Girls High, uqokelwe ukuyodlala eqenjini leTouch Rugby Under 18. Isithombe: SIBUSISO NDLOVU
USange osamile ekudlaleni imidlalo yeshashalazi, ungumholi wabafundi ekilasini aphinde abe ngukaputeni weTouch Rugby noweDrama esikoleni.
Kuthiwa ukudlala yinto yakhe ngoba ngisho esakhula awukho umdlalo angakaze awenze.
Uke wadlala iBasketball wabuye waba ngukaputeni weqembu lokubhukuda nelabagijimi esikoleni. Utshele Isolezwe ukuthi uma eseqede * -matric ufuna ukuyokwenza iSport Sciences enyuvesi ukuze afunde kabanzi ngezemidlalo. Kudingeka ukuthi aqokelele uR42 000 ukuze uhambo lokuya eMalaysia lube yimpumelelo njengoba bezikhokhela izindleko. Unina uthe bafisa noma ubani ongabalekelela ukuhlanganisa le mali. Indebe yomhlaba izoba amasonto amabili ngo-Agasti lapho bezodlala namaqembu ahlukene okubalwa iNew Zealand ne-Australia.