KUSOLWA uthisha ngokushaywa komfundi waseVumokuhle Primary, eMlaza okuthiwa washaywa ngabanye abafundi ngenxa yomyalelo wakhe.
Unina womfundi wentombazane oneminyaka ewu-12 elingeke lidalulwe igama lakhe ngoba kuvikelwa umfundi, uthe umfundi akasafuni ukubuyela esikoleni futhi useke wabhala nencwadi evalelisa, wayibamba akazi ukuthi ubezozibulala kanjani.
Umzali womfundi uthi ngenyanga edlule uthisha wamthumelela uWhatsApp, ethi indodakazi yakhe imdelelile uze wafisa ukuyishaya kodwa wayekiswa wukuvikela umsebenzi wakhe.
" Uthe utshelwe ngomunye umfundi ukuthi ngaphambi kokuthi angene ekilasini uNo... (esho igama lakhe), uthe unesicefe akazi ukuthi kungani eze esikoleni ngabe kungcono ukuthi ugingqike nemoto wangafika esikoleni. Ngaphendula ngokuthi akamshaye ngoba ngiyazi ukuthi izingane zibuye ziphume esandleni. Ngangicabanga ukuthi uzomshaya njengomuntu omdala kanti yena uzotshela ezinye izingane ukuthi azimshaye okuyinto esingavumelananga ngayo. Uma isibuya ekhaya ingane yafika ilimele ithi ishaywe izingane zonke ekilasini ngoba kusho uthisha. Ngase ngiya esikoleni ngiyokhuluma nothishomkhulu ngalolu daba ," kuchaza umzali.
Uqhube wathi uthishomkhulu ubengakabahlanganisi nothisha ngoba uthisha wathatha ilivu yokugula. Kodwa ingane yakhe iyaluthola usizo lokwelulekwa ngokwengqondo ngosizo lomnyango.
" Umntwana ubesengcono futhi esebuyele esikoleni kodwa namhlanje (ngoLwesithathu), ubuye singakaphumi isikole ekhala ethi ushaywe ngomunye umfundi. Umfundi omshayile, umshaye emuva kokuthi uthisha wabo ekhulume nabo efonini yomunye uthisha kulo leli sonto. Ngithole ukuthi nakuba uthisha engekho esikoleni kodwa ufonele omunye wothisha emcela ukuthi amfake kwi-speaker ufuna ukukhuluma nabafundi. Watshela izingane ukuthi usesibhedlela ngenxa yengane yami lokhu kudale ukuthi ezinye izingane zifune ukumshaya futhi. Ingane yami ngibona sengathi ayisaphephile," usho kanje.
UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal , uthe uyajabula ukuthi umnyango ungenele kulolu daba wasiza umfundi.
" Kuyadabukisa ukuthi umuntu owuthisha angahlohla izingane ukuthi zishaye enye. Sisazocela umbiko ehhovisi labahloli sizwe ukuthi kwenzekeni," kusho uMlotshwa.
UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe kuvulwe icala lokushaywa komfundi esesikoleni eshaywa ngabanye.
" Umfundi oneminyaka ewu-12 kuthiwa washaywa esesikoleni.Okwamanje icala livulelwe abafundi, uthisha uyongena uma bethe babethunywe uthisha. Udaba luphenywa ngamaphoyisa asesiteshini iBhekithemba," kusho uCapt Gwala.