KUPHITHENE amakhanda emndenini wesalukazi okuthiwa sigwazwe sabulawa umfundi kaGrade 11 waseKwasa High eBilanyoni, eDumbe ngoba esisola ngokumhleba nokuthakatha.
Lesi sigameko esishiye umphakathi umangele, kuthiwa senzeke ngoLwesibili ebusuku lapho kuhlaselwe uNkk Buyelaphi Lizbeth MaZwane Kunene (70) obezihlalela yedwa kwa-C eBilanyoni.
Indodakazi kamufi, uNkk Mthokozisi Kunene-Mpungose (48) ithe isadidekile ngendlela okubulawe ngesihluku ngayo unina futhi isazibuza ukuthi bekungeneni kumsolwa ngokuba athathe isinqumo esibuhlungu kangaka.
“Umama ubezihlalela yedwa ehola impesheni. Lokho kwenzeke ngenxa yokuthi yimi kuphela ingane yakhe ngakho sengashada futhi umuzi wami ukwenye indawo, yikho ebezihlalela yedwa ekhaya. Nokho kungiphathe kabi engikubonile ukuthi umama abulawe ngesihluku esingaka. Ubabekazi womfana owenze lo monakalo ufikile ekhaya ezolila wathi nabo bafisa kwenzeke noma ngabe yini ngaye ngoba baphatheke kabi ngakwenzile,” kusho uNkk Kunene Mpungose.
Uthe kumanje umatasa wenza izinhlelo zomngcwabo ngoba uhlela ukuba unina amfihle ngoMgqibelo.
“Kumanje ikhanda lami liphithene ngoba ngibhekene nalesi simo kanye nezinhlelo zomngcwabo wakhe umama. Okunye asazi ukuthi kuqhubekani ngoba nomseshi ubengakasithinti mayelana nomsolwa kodwa yena uboshiwe wavela enkantolo. Inkinga asazi ukuthi enkantolo kuhambe kanjani,” kuchaza uNkk Kunene Mpungose.
IMeya yaseDumbe, uMnuz Majuba Mavuso ezifikele mathupha emndenini, ithe ayisazi ukuthi kungeneni endaweni yayo ngoba lesi sigamemo silandela ezinye ezishaqisayo zabantu
ababulewe.
“Sithole ukuthi uqale wasithuka isalukazi ethi asihlukane nokuhambe sikhuluma ngaye simhleba, wathi uzobuya azoqeda ngaso ngoba usekhathele ukuthi siyamhleba futhi siyamthakatha. Ngaphandle kwalokho sithole nokuthi lo mfana ubengahlali lapha kodwa ufike ngoba ebaleke eMondlo nalapho okuthiwa ubewuhlupho khona wagcina esezohlala nobabekazi wakhe lapha eBilanyoni,” kusho
uMavuso.
UMavuso unxuse ukuthi umphakathi wehlise umoya kulesi sikhathi esinzima ukuze yonke imindeni ethintekayo ikwazi ukubhekana nesimo.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Thembeka Mbele, uthe umsolwa uvele izolo enkantolo ePaulpietersburg, icala lahlehliselwa isonto elizayo. Ugcinwe esitokisini.