CHARLES KHUZWAYO
INTANDANE efunda uGrade 11 eLethuxolo Secondary KwaMaphumulo, ithwalwe yisesheli maqede sayidlwengula siyivalele ubusuku bonke kubo ngeSonto.
Le ntombazane (17) esiligodlile igama layo ngoba sivikela isithunzi sayo, isingumtshungo ubethwangubani futhi ihlala ezihlotsheni nesalukazi ngemuva kokushona kukanina ngo-2006 noyise ngo-2013. Ngokusho komthombo ongashayi intombazane isindiswe ukufika komfowabo ehamba namaphoyisa akhona kwaMaphumulo.
Umfowabo womgilwa obethukuthele ebhodla umlilo uthe udadewabo umthumelele umyalezo nge-sms, emazisa ukuthi akazomlanda emzini wakwaCebekhulu ngoba uthwalwe wumfana wakhona. Isolezwe NgoMgqibelo liwubonile umyalezo obuthi umfowabo kamgilwa akeze nabantu ngoba umsolwa uthi uzomdubula uma ezolanda udadewabo kubo kamsolwa.
Eqhuba umfowabo kamgilwa uthe udadewabo udayiswe ngudadewabo kamsolwa, okunguye omthathe njengomuntu oyomthengela izimpahla edolobheni eStanger, kanti umyisa kumfowabo ukuze azitike ngaye ngocansi.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi kunecala lokudlwengula nelokuthumba elivulwe esiteshini samaphoyisa saKwaMaphumulo ngeSonto. Uthe kunezinsolo zokuthi intombazane eneminyaka engu-17 ithwaliwe maqede yadlwengulwa wumsolwa emaziyo.
"Idokodo lizodluliselwa ophikweni lwamaphoyisa olubhekene nodlame lomndeni nokuvikelwa kwezingane ukuze luphenye kabanzi," kuphetha uColonel Mbele.
Imizamo yokuthola ukuphawula komgilwa ayiphumelelanga ngenxa yokuthi akasenalo ucingo. Nalo kuthiwa wamphuca.