AKASABUTHI quthu ubuthongo, nokudla akasakuthi mbibi unina womfundi waseMatheku High, eShowe, ngenxa yokungazi ukuthi indodakazi yakhe ikuziphi izinkalo.
UNksz Nolulunga "Nunu" Mhlongo (39) wasoHabeni, eShowe, uthi indodakazi yakhe uNothile Feziwe Dladla (17), yahamba ekhaya ngoFebhuwari 18 ntambama.
Echaza uNksz Mhlongo uthe, uNothile wahamba ethi uyolanda uthayi wesikole kumngani wakhe.
"Kwathi kusaphele imizuzwana ngabona sekufika umyalezo ovela kuye ngeSMS othi basayofunda. Ngabe sengimshayela ucingo ngoba ngifuna ukumtshela ukuthi akakwazi ukuphuma ekhaya ngokunye bese efika esenza okunye. Ucingo lwakhe lwase luvaliwe."
Eqhuba uNksz Mhlongo, uthe okwamxaka ukuthi akukho ncwadi ayithatha ngoba zonke ziphelele.
"Sengizame kaningi ukuxhumana naye kodwa namanje ucingo lwakhe lusavaliwe. Okungiphethe kabuhlungu nokwenza kungavumi nokuthi ngidle ukuthi uNothile ushiye ekhaya umntwana oneminyaka emibili. Nale ngane ingifikisela ngezinyembezi uma seyingibuza unina kodwa ngingazi ukuthi ngizoyiphendula ngithini."
Uthe akacabangi ukuthi indodakazi yakhe beyisinendoda kule ndawo ngoba bekungakapheli nezinyanga ezimbili ifikile.
"Ngonyaka owedlule, uNothile ubefunda ngasekhaya eMelmoth kodwa ngamsusa khona ngenxa yokuthi isikole saseCebisa besibuqamama kanti iMatheku iseduze kakhulu."
UNksz Mhlongo unxuse nanoma wubani othuka elamela lo mfundi kaGrade 11, ukuba azise amaphoyisa aseShowe lapho evule khona icala lokunyamalala kukaNothile.
Lo mfundi ujoyine uhlu lwezingane ezinyamalala njalo emuva kwamahora amahlanu zinsuku zonke kuleli.
Abanye okungakaziwa ukuthi bakuziphi izinkalo ngo-Amahle Thabethe, Lunamandla Sithonga, Anothando Mhlobo, Desiree Reid, Boipelo Mesi noMegan Michelle Fillies.
Ngokusho kwezibalo zeMissing Children South Africa (MCSA), okuyinhlangano esebenza ngokubambisana namaphoyisa, zingu-23% izingane okungakaziwa ukuthi zikuphi kanti u-77% wazo uvamise ukutholakala.
UNksz Bianca van Aswegen weMCSA, usola ukushushumbiswa kwamantombazane njengembangela yokunyamalala kwezingane kuleli.
Kushaye esokushicilela imibuzo ethunyelelwe amaphoyisa ingaphenduliwe.