Izindaba

Umfanyana uzakhele udumo ngama-video omgwabo waseZayoni

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKOSINGIPHILE Mnguni usezakhele udumo ngomgwabo waseZayoni kuTikTok

Image: SITHUNYELWE

EBHAYIBHELINI encwadini yeZaga zeNkosi uSolomoni zesi-22 evesini lesithupha, kufundeka kanjena: “Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulule, angasuki kuyo.”’

Wukubuswa yilawo mazwi okwenze uNksz Nomthandazo Mnguni wakhuthazeka ukuqopha ama-video endodana yakhe yenza imigilingwane yomgwabo waseZayoni, bese ewafaka ekhasini lakhe lakwi-TikTok, elilokhu likhule njalo ngenxa yenqwaba yabantu abalilandelayo.

Leli khasi elithi @nomteebabe selinabalandeli abangaphezu kwa-13 000, kanti futhi selibukwe izikhawu ezingaphezu kwa-178 000 ngenxa yama-video kaNkosingiphile (4), okuvame ukuvela egwaba noma egekla (okuyindlela yokudansa yaseZayoni).

Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, uNksz Mnguni wakwaThema, e-East Rand, eGauteng, uthe uthando lwesonto luqale ukumvela kumntwana wakhe wesithathu nongowokugcina esaneminyaka emibili, okuthi njalo uma kudlala ingoma yaseZayoni bezihlalele ekhaya, avele atshakadule kuhle kwethole libona onina.

UNKOSINGIPHILE Mnguni usezakhele udumo ngomgwabo waseZayoni

Image: SITHUNYELWE

“Kuthe ngelinye ilanga ngivakashelwe ngabazalwane ekhaya, bambona enza le mgilingwane yakhe, base bengicebisa ukuthi ngimshuthe ama-video bese ngiwafaka ekhasini lami likaTikTok. Nakuba ngaqala ngaba manqika ngoba ngingafuni ukuthi umntwana wami azeke kunoma wubani, ikakhulu ngoba usasemncane, kepha kwagcina kube kanjalo nangempela kwaba wukuduma kwakhe kanjalo, njengoba ngathi ngiqeda ukufaka i-video yakhe yokuqala esayenza ngo-2023, akuphelanga sikhathi esingakanani yabe isibukwe ngabantu abangaphezu kwa-2 000,” usho kanje.

UNKSZ Nomthandazo Mnguni nendodana yakhe uNkosingiphile, esidume ngama-video omgwabo wamaZayoni kuTikTok

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe lokho kumkhuthaze ukuthi aqhubeke amqophe ama-video njalo ikakhulu ngoba vela naye ukhombisa intshisekelo yakho konke lokhu njengoba isikhathi esiningi kuvame ukuba wuyena omcelayo ukuthi amdlalele ingoma ethile yaseZayoni, bese enza adume ngakho.

“Ngicebisa nabanye abazali ukuthi baqaphele izimpawu zezinto ezinhle abazibona zenziwa ngabantwana babo bese bebeseka kuzona, ikakhulu ezenkolo nesonto ngoba ziyamkhulisa kakhulu umntwana futhi zenza ukuthi aqoqeke ezintweni eziningi,” kusho uNksz Mnguni okhonza ebandleni lamaZayoni i-Grace of Christ Umusa, elizinze khona eGauteng.