UTHUKE kwaphela nasozwaneni unina womfana (15) waseManenberg ezwa ngomdlalo omusha obizwa nge- Treintjie (isitimela), lapho abafana abancane bebukiswa khona izithombe zocansi ngaphambi kokudlwengulwa ngabafana abadala.
Lo wesifazane oneminyaka engu-32 uthe uthole iqiniso ngalo mdlalo ngemuva kokuba indodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa imtshele ukuthi inukubezwe ngokocansi ngabafana emgwaqweni ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.
Uthe kwakuwu-Okthoba 4, indodana yakhe nabangani bayo bedlala ekhaya ngesikhathi edalula le mfihlo.
“Umfana wami wathi abafana abathathu bamthatha emgwaqweni bamyisa kubo komfana omdala lapho bamgingqela khona embhedeni bamkhombisa izithombe zabantu abenza imikhuba etafuleni,” kusho umama.
“Wafaka i-lipstick kuye futhi wanikezwa amakhekhe netiye kanye nabanye abafana ababili, base bedlwengula indodana yami, kunomunye umfana wesine owayebukela. Wakhala futhi ebatshela ukuthi kubuhlungu. Kunesinye isigameko lapho umfana ongubhongoza edlwengula indodana yami eyedwa.”
Umama uthe wabe esethatha indodana yakhe, wayiyisa esiteshini samaphoyisa eManenberg wavula icala futhi indodana yakhe yelulekwa ngengqondo. Ukuhlolwa odokotela kuveze ukuthi umfana wadlwengulwa futhi wakhombisa unina abafana abamnukubezile.
Okhulumela amaphoyisa, uSergeant Noloyiso Rwexana, uthe amaphoyisa asaphenya amacala okudlwengula.
“Leli hhovisi lingakuqinisekisa ukuthi lezi zehlakalo zenzeka kaningi phakathi kwabafana abambalwa abadala nabancane abaneminyaka eko-6 ubudala.
“Oneminyaka engu-15 usebiziwe wazophenywa ngalesi sigameko futhi usayohlolwa umqondo. Abaphenyi basathungatha abagilwa abangakawabikeli amaphoyisa ngokubehlele,” kusho uRwexana. -ANA