KUMINZE umfana (8) obekade ebhukuda nabangani bakhe emfuleni uMlaza eLamontville ngoMgqibelo emini.
Isidumbu sakhe sitakulwe ngamaphoyisa angabatshuzi emfuleni eduze kwemijondolo eMega Village izolo ekuseni.
Kuthiwa ilanga ebelishisa liholele ekutheni umfana nabangani baye kobhukuda emfuleni behamba ngendlela ecashile futhi engaziwa.
Emva kokuminza kwakhe, kuthiwa kubathathe isikhathi eside abebebhukuda naye ukuthi batshele abazali ngokwenzekile ngenxa yokwesaba.
Ikhansela lendawo lishaqekile ngokuminza komfana ngenxa yokuthi kuthiwa bese kuneminyaka eminingi kwagcina ukwenzeka into efuze lena.
UNksz Nolubabalo Mthembu uthe kungokokuqala emuva kweminyaka eminingi kwagcina ukwenzeka esemncane.
Uthe indawo okwenzeke kuyo iseduze nemijondolo.
“Ngibikelwe ukuthi izingane ziye kobhukuda emfuleni zihamba ngendlela engaziwa ecashile. Zisabile ukusho ukuthi kukhona ominzile ebezihamba naye, zaze zasho emva kwamahora mbalwa. Sicela abazali bagade izingane zabo zingasondeli emfuleni futhi kungabhukudwa kuwo.”
Uthe umfula ubukade ushile kodwa emuva kwemvula esanda kuna eThekwini ugcwalile, okungenzeka ukuthi iyonanto eholele ekutheni izingane ziyobhukuda.
Uthe umasipala udonsa kanzima ukuthola umhlaba okuzokwakhelwa kuwo labantu izindlu.
“Laba bantu sebehlale kule ndawo iminyaka ecela kwemihlanu manje. Igceke labo wumfula ngenxa yokuba seduze kakhulu nawo. Umfula ugcwalela kubona uma lina,” kusho uNksz Mthembu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMlaza avule idokodo ngokufa komuntu.
Uthe umfana uhlangabezane nobunzima ngenkathi ebhukuda waminza.
Isidumbu sakhe sitholwe wuphiko lwamaphoyisa eDurban Search and Rescue nabebebambisene nabo.
Ngesonto eledlule amaphoyisa akhiphe isexwayiso sokuthi abantu bagweme ukubhukuda noma yikuphi ezindaweni eziyingozi.
Athi abantu kumele baqaphele uma bebhukuda olwandle, emadamini nasemifuleni.
Lokhu ayekusho ngenxa yokwanda kwesibalo sabantu abaminzayo noma abamukayo njengoba sekuqale ukushisa.