Izindaba

Umfana (13) udubuleke kuhlaselwa osomatekisi

Nonthuthuko Ngubane|Published

UMKHONZENI Xaba UMKHONZENI Xaba

UFUNA ubulungiswa umndeni womfana (13) odubuleke kade kuhlaselwa osomatekisi eZwelibomvu ngaphandle kwaseThekwini, ngoLwesithathu ekuseni.

UMkhonzeni Xaba ofunda uGrade 8 eDick Ndlovu High ubemi esitobhini esingaserenki yamatekisi kasoseshini waseZwelibomvu ngesikhathi eshaywa yinhlamvu ephaphalazile.

Isolezwe lithole ukuthi kuqhamuke imoto encane ebidubula ibhekise kosomatekisi bakasoseshini waseZwelibomvu, onogada baserenki kuthiwe nabo baphendule ngezulu lezandla.

UMkhonzeni, obelinde itekisi, ubonakale eselele phansi opha, ushone ujuqu endaweni yobugebengu emuva kokudubuleka ekhanda.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe bavule icala lokubulala namabili okuzama ukubulala.

“Ayaziwa imbangela yokuhlaselwa kwabantu erenki yaseZwelibomvu kodwa kushone umfana ona-13, kwadubuleka ababili abasebenza erenki. Kumanje basesibhedlela. Kusaphenywa, akekho oboshiwe,” kusho uZwane.

AMALUNGU omndeni wakwaXaba adutshulelwe indodana yawo uMkhonzeni Xaba eya esikoleni: Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

Izolo, unina kaMkhonzeni, uNksz Ncanyane Xaba, uthe kusenzima nokukhuluma ngokwenzekile ngoba ubengakulindele ukuthi ithemba lakhe, abesabheke okuningi kulo, selingashona .

“Bebesanda kuphuma nje endlini, kade evalelisa newele lakhe eliyintombazane. Ngizwe kuqhuma isibhamu ngangazitshela ukuthi ngabe sekubulawa ingane yami. Sizwe kukhalwa kuthiwa udubulekile umfana. Ngifike ngaquleka sengibona ukuthi ingane yami idubulekile, isithule. Uyena obeyithemba lami,” kusho uNksz Xaba.

Uthe izingane zakhe ezintathu uzikhulisa yedwa. Amawele ashonelwa nguyise enonyaka. Enye ingane yakhe yentombazane ineminyaka ewu-18.

“Sifisa amaphoyisa aphenye abophe abasolwa, sifuna ubulungiswa,” kusho uNksz Xaba.

Osomatekisi baseZwelibomvu kuthiwa bafikile bezobhonga emswaneni izolo. Imizamo yokuthola amalungu kasoseshini ayiphumelelanga.

Imenenja ehhovisi le-Santaco eKZN, uMnuz Sfiso Shangase, usigxekile isenzo wathi osomatekisi kumele befunde ukuxazulula izinkinga abanazo ngaphandle kokudubulana.

“Siyafisa kuphenywe ukuze kutholakale ukuthi bekwenzenjani kuhlaselwa osomatekisi. Siyi-Santaco esifundazweni besingakaze sizwe ukuthi kunezinkinga kusoseshini nokwenza sishaqeke,” kusho uShangase.

UNgqongqoshe wezokuThutha eKZN, uMnuz Mxolisi Kaunda, esitatimendeni esikhishwe wumnyango wakhe, uthe udumele ngokubulawa komfundi.

“Kuyasidumaza ukuthi umfana omncane kangaka abulawe ngenxa yodlame losomatekisi. Lokhu akuphazamisi umndeni wakhe kuphela kodwa isizwe sonke ngoba lo mfana ubezokhula abe wusizo emphakathini. Kumele laba abamdubulile babhekane nomthetho,” kusho uKaunda.