NKOSIKHONA CELE
INYANGA yaseNewcastle, uMnuz Phumlani Dlamini, odume ngekilaMngcwab’uhlehlile, isabele ikhwelo elalihlatshwe nguMnuz Mduduzi Nyazilwezulu Shembe, lokuthi kunakekelwe abanebala elimhlophe.
Kuzokhumbuleka ukuthi uNyazilwezulu lwaphonsa inselelo kwaba yizinyanga, lwathi kumele kube khona abakwenzayo ukuze balwe nokuhlukunyezwa kanye nokubulawa kwabanebala elimhlophe.
Kujwayelekile ukuthi kukhonjwe izinyanga ngenjumbane ngokubulawa kwabanebala elimhlophe. Emuva kwaleli khwelo uDlamini obuye abe nezinhlelo zokunakekela imindeni ehlwempu, wazibophezela ekusebenzisaneni nabantu abanebala elimhlophe nokuphonsa esivivaneni abalekelele, ekutheni baphile impilo engcono.
Kuye ngamagama enkehli ngesikhathi uDlamini eya eBuhleni, eyohlangana noNyazilwezulu, eyolazisa ngomnikelo wemoto awuphe uMnuz Andile ’MC Pholobas’ Ngcobo onebala elimhlophe futhi ongumsunguli wenhlangano weMasiqoqane Albinism.
“Emuva kokuba ngizwe uNyazilwezulu lusiphonsela inselelo ngibone kukuhle ukuthi kube khona engikwenzayo nami njengomelaphi wendabuko. Kimina kusho lukhulu ukufaka isandla ngenhloso yokulekelela abantu abaphila nebala elimhlophe,’’ usho kanjena uDlamini.
UNyazi luzwakalise ukuthakasa ngokuthi kube khona umelaphi wendabuko osukumele phezulu uma ezwa isikhalo salo, mayelana nokuhlukunyezwa kwabantu abanebala elimhlophe.
“Siyabonga kakhulu kuwena Dlamini ngalokhu okuhle okwenzile. Kuyajabulisa ukuthi kunabantu abakuqondayo ukubaluleka kwabantu abanebala elimhlophe. Namhlanje ngikufisela konke okuhle Dlamini nawe Mapholoba ngokunjalo,’’ kusho uNyazilwezulu.
Lube selunxusa uhulumeni ukuba angenelele ukuze kucijwe amakhono abantu abaphila nebala elimhlophe. UNyazi luthe kumele bahlonishwe abelaphi bendabuko, abahlonipha abantu abanebala elimhlophe.
UMC Pholobas ukhulume ngesehlakalo sokudutshulwa kwakhe ngo-2016, lapho asinda khona ngokulambisa, wathi ukholwa ukuthi samehlakelela ngoba wayehamba ngezinyawo. Uthe kuyamjabulisa ukubona ukuthi kukhona abelaphi bendabuko abazimisele ngokulekelela abanebala elimhlophe.
Ubonge uDlamini noNyazi ngokuzibophezela kwabo ekuqinisekiseni ukuthi abanebala elimhlophe bazizwa bamukelekile.