SEKUKHISHWE umehlokaboni kaR50 000 ozonikwa noma ngubani ozoqhamuka nolwazi oluzoholela ekutheni kuboshwe izigilamkhuba ezintshontshe izimoto zoMnyango wezoLimo ehhovisi eliseNdwedwe ngoMsombuluko ebusuku.
Amaphoyisa aphenya ngecala lokwebiwa kwezimoto ezingamaveni eziyisishayagalombili okuthiwa zintshontshwe ngamadoda ayishiyagalombili angaziwa, afike akhomba onogada ngezibhamu abaphoqa ukuthi bakhombe ukuthi bakuphi okhiye bezimoto.
Amaphoyisa athi ozowazisa ngolwazi azomklomelisa.
Kuthiwa lawa madoda agasele kuleli hhovisi akhomba onogada ngezibhamu, abuye ababopha ngezintambo zamakhebuli.
UCol Thembeka Mbele uthe uphenyo ngalesi sigameko luveza ukuthi bebebabili onogada ebebesebenza ngalolu suku.
“Lawa madoda kuthiwa aphoqe onogada ukuthi bavule ehhovisi, athatha okhiye ebebegcinwe esisefeni.
Zonke izimoto ezebiwe ngamaveni amhlophe,” kusho yena.
Izinombolo zezimoto ezebiwe iNissan Hardbody, inombolo yayo KZN 36608, iToyota Hilux, inombolo yayo KZN 37111, iToyota Hilux, inombolo yayo KZN 37123, Isuzu Single Cab, KZN 36900, Toyota Hilux KZN 37157, Ford Ranger KZN 37481 neNissan Hardbody KZN 37349.
UCol Mbele uthe umehlokaboni uzonikezwa noma ngubani ozosiza amaphoyisa noma abasebenza ehhovisi lalo mnyango okuntshontshwe kulo izimoto ngolwazi oluzoholela ekutheni kuboshwe abasolwa.
Abangaba nolwazi bangathinta uBrigadier Khumalo ku-082 556 8642 noma uCol Deckford ku-082 592 2806 abafisa ukusiza amaphoyisa ngolwazi kodwa abangafuni ukuzidalula ukuthi bangobani bangathinta iCrime Stop ku-08600 10111
UNgqongqoshe walo mnyango uNkk Bongi Sithole-Moloi uthe ziningi izimoto zomnyango ezebiwa kumasipala iLembe okuyinto emkhathaza kakhulu.
“Kuwo lo masipala, umnyango usanda kwengeza ngezimoto ezintsha ezingu-22 ngenhloso yokuthi umnyango ukwazi ukwenza izinhlelo zawo ngempumelelo kakhulukazi ukufundisa umphakathi nokugonywa kwezinja namakati kuqandwa isifo samarabi kodwa izigameko ezinjengalezi ezilokhu ziqhubeka ziyakhathaza. Abasebenzi abaningi abaphucwa izimoto kuba ngabesifazane . Izigilamkhuba zithatha izimoto, abasebenzi izimoto ezithathwe kubo nabo kudingeka ukuthi bahlale emakhaya beselashelwa ukwethuka ngemuva kokukhonjwa ngezibhamu konke lokhu kuthikameza ukusebenza kwethu,” kusho yena.