KUNOMDONSISWANO emndenini wePhini likaNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweZindawo zaseMakhaya, uMnuz Sdumo Dlamini, emuva kokuthi inkosikazi yakhe imkhiphe esibhedlela esiseThekwini ngaphandle kokwazisa izingane zakhe.
Omunye wamadodana kaDlamini, uMnuz Lungani Dlamini (30), usole unina, uNkk Gugu Moloi-Dlamini ngokususa uyise esibhedlela eThekwini wamyisa kwesiseGoli.
Uthe lokhu kwenza bangakwazi ukumvakashela ngendlela uyise.
Ekhuluma ne-Independent Media, uthe umndeni uhlukene phakathi ngodaba lukayise.
Ngokusho kukaDlamini uyise akanazo izingane noNkk Moloi-Dlamini onezingane ezine azithola emshadweni waphambilini.
Uthe udumele ngokukhishwa kukayise eNtabeni ngoMsombuluko ebe egula kakhulu.
“Akazange asitshele ngesinqumo sakhe sokumsusa. Emuva kwalokho wabe esethumele i-sms esazisa ukuthi umkhiphile ngoba ubengalulami. Lokhu kusimangazile ngoba ngokwethu besigculisekile. Sibe sesicela ukuba alethe izincwadi zikadokotela eziveza lokho, wasiziba,” kusho uDlamini.
UNkk Moloi-Dlamini uqale wacela ukunikezwa isikhathi esakhuluma nomyeni wakhe ngalolu daba ngaphambi kokukhuluma nabezindaba.
Esethintwa futhi unqabile ukukhuluma, wacela ukuba kufonelwe lowo otshele abezindaba udaba.