IMINYANGO owezeMfundo nowezeMpilo ezifundazweni imphathisa ngekhanda umcwaningi mabhuku omkhulu, uNksz Tsakani Maluleke.
UNksz Maluleke useveze ukuthi ukhathazekile ngokubisha enkingeni yemali komnyango wezeMfundo nowezeMpilo ezifundazweni eziningi.
Ethula umbiko wakhe wonyaka wezimali owedlule, uNksz Maluleke, uveze ukuthi le minyango ibhekene nezinkinga zemali ezifundazweni ezehlukene.
UNksz Maluleke ukhale ngokuthi iminyango yezeMfundo isebenzisa ngokweqile isabelosezimali sayo, nokushiya le minyango ibishe ezinkingeni zemali.
Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usanda kutakulwa ngemali engaphezu kukaR700 million emva kokuvela kokuthi uzosebenzisa isabelosezimali sawo ngokweqile ngoR970 million.
Eminyangweni yezeMpilo, uNksz Maluleke ukhale ngemali ephezulu kakhulu le minyango eyikweleta abantu abawina izicelo zokunxeshezelwa emva kobudedengu ekwelashweni kwabo ezibhedlela zikahulumeni.
“Inkinga enkulu wukuthi iningi lale minyango ayikho imali eliyibeka eceleni kwisabelosezimali sayo, ukubhekela ukuthi uma kukhona icala elibalahlayo, babe nemali abazokhokha ngayo.
“Lokhu kukhinyabeza le minyango njengoba izicelo zigcina zikhokhelwe kusetshenziswa imali obekufanele isebenze kunyaka wezimali olandelayo, ukuqasha abasebenzi nokwenza okunye.”
Ngokwalo mbiko, uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukweleta uR27 billion wezicelo zokunxeshezelwa.
Kulo mbiko, uNksz Maluleke uphinde waveza ukuthi izinkampani eziningi zikahulumeni zicwile ezinkingeni zemali.
Ezinye zalezi zinkampani ziveze ukuthi kumnyama, azazi noma zizokwazi yini ukuphuma ezinkingeni ezibishe kuzo.
Phakathi kwalezinkampani kubalwa izinkampani zamabhanoyi ezingaphansi kotakulo lwezamabhizinisi iSAA neSA Express, kube inkampani ephehla ugesi i-Eskom, iSABC nezinye.
UNksz Maluleke ukuncomile ukubhukula kweminyango yesifundazwe iKwaZulu-Natal, nathe iningi layo lenze kangcono kuneminyaka yezimali eyedlule.
“Iminyango emihlanu yenze kangcono kunendlela eyenze ngayo ngokudlule, kepha umnyango owodwa uvele wenza kabi kunokudlule.
“Mkhulu umehluko obonakalayo kepha kusekuningi okufanele kwenziwe ukuvimbela ukusetshenziswa budedengu kwemali. Ukungaqondiswa ubugwegwe kwabaphuma endleleni, kuholele ekunyukeni kokungalandelwa kwemithetho nokusetshenziswa kwemali budlabha.”