USAPHITHENE ikhanda umculi wokholo obesengozini yemoto ngasePavilion ngeSonto kusihlwa evela ukuyobuka ibhola nendodana yakhe.
USphumelele Mbambo noSinqobile Ntuli (14) bebehamaba ngonyanyavu lukaMercedes asanda kuwunikelelwa uPastor Lungi M emuva kokuthi iNissan yakhe yahlofoka yaphela ngoDisemba odlule.
USphumelele uthi ubonga ukusinda ngendlela ebiyimbi ngayo le ngozi ebibandakanya netekisi egqamuke amalangabi.
"Uma ukholwa wehlelwa izinto ezimbi nabantu bagcina sebekubuka ngamanye amehlo. Kodwa ngiyamethemba uNkulunkulu ukuthi ngeke angilahle usazongikhipha kulesi simo kudlule. Okungizwiswa ubuhlungu kakhulu ukuthi bengihamba nangena yaze yathola ukulimala. Nale moto ibisane nyanga nezinsuku ezimbili ngiyiphiwe. Angazi nokuthi ngizokwenzenjani ngoba isikhathi sokusebenza lesi, umsebenzi ubangcono kodwa ngiyamthemba uNkulunkulu,"kusho uSphumelele ekhala.
Kuyona le ngozi uSphumelele uthi ugcine esesiza nabanye abantu ngoba nezimoto beziza mawala kucaca ukuthi basangaphinda bashayiseke futhi.
"Amaphoyisa ebengakafiki kwadingeka sizame ukusiza nabanye abantu. Ngigcine sengimisa izimoto emgwaqeni sazama nokusiza abantu ebebe setekisini evele yavutha.
USPHUMELELE Mbambo othathwe nendodana yakhe uSinqobile Ntuli ngenkathi bephuma esibhedlela. Isithombe: SITHUNYELWE
Namanje ngisashaywa uvalo ngoba imoto edale ingozi ivele yasuka yaqonda kuthina yasishayisa. Konke kwenzeka ngesikhathi esifishane," kusho uSphumelele.
Leli phephandaba likhulume naye ngoMsombuluko esekhaya ngemuva kokudedelwa esibhedlela. Kuzokhumbuleka ukuthi uSphumelele uvelelwa yile ngozi nje akukapheli unyaka esengozini yemoto waphinde washelwa nayindlu nezimpahla zakhe zonke zokucula.