USETHUKA izanya umculi wakuleli osevule necala emuva kokuthola izinsongo zokubulawa kowesilisa angamazi.
UMbuso Khoza odume ngezingoma ezingamahubo, utshele abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kunendoda emsongelayo, esisabise nangokuthumba indodakazi yakhe.
UKhoza utshele Isolezwe ukuthi uqale ukuthola izinsongo ngoLwesibili, okwenze waze wavula necala emaphoyiseni.
“NgoLwesibili bekunenombolo engishayele ucingo kaningi. Kuthe uma ngibuyela kuyona ucingo lwabanjwa owesilisa ovele wangitshela ukuthi uthunywe ukuthi angibulale. Ungitshele ukuthi ukhokhelwe uR20 000 ukuthi angibulale futhi kuyaphuthuma,” kusho uKhoza.
Uthe uqale wacabanga ukuthi lo wesilisa uyamdlalisa kodwa wabona kungafanele azithathe kancane lezi zinsongo. Uveze nokuthi lo wesilisa uthe uma engafuni ambulale kumele amkhokhele imali engaphazu kwalena aqashwe ngayo.
UKhoza uthe okumthuse kakhulu wukuthi lo mlisa ubuye wasabisa ngokuthumba indodakazi yakhe eneminyaka emine. UKhoza uthumele Isolezwe iSMS athe uyithunyelwe yilo mlisa ngoLwesithathu. I-SMS ithi indodakazi yakhe ngeke ibuye esikoleni.
Uthe usezamile ukuthi ahambe eqaphile ngoba ngeke azi ukuthi yini ehlelwayo ngaye. Kwenzeka lokhu nje lo mculi usanda kulaliswa esibhedlela ngenxa yokuphathwa ukhwantalala, athe lwenziwa ukuxakeka emqondweni. Uvumile ukuthi usalokhu ebonana nabeluleki bengqondo ukwelashelwa ukhwantalala.
“Ngize ngacabanga ukuthi laba abangisongelayo bayangithusa ukuze ngiqale phansi ngiphathwe wukhwantalala,” kusho uKhoza.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi kukhona udaba olufana nalolu olubikiwe emaphoyiseni.
“Umuntu osatshiswayo ulubikile udaba emaphoyiseni aseMalvern kodwa akukho cala okwamanje elisavuliwe,” kusho uColonel Mbele.