‘UNKOSIKAZI wami wesibili ngamshelelwa wuJohnny, engibhalela izincwadi eziya kuyena. Ubudlelwane ebesinabo bebumangalisa. Ukube kuya ngami ngabe angikhulumi ngale nto, inhliziyo yami ibuhlungu. UJohnny ubesegulile, uma ngimvakashela ubeze asishiye sihlezi ethi uyolala udinga ukuphumula, umdlavuza ubusumphathe isikhathi eside”.
Lawa ngamazwi ashiwo nguSipho Mchunu owahamba amazwe noJohnny Clegg (66), oshone ngoLwesibili ntambama emzini wakhe eGoli.
Ekhuluma neSolezwe uSipho Mchunu uthe, uJohnny ubeseya nasezibhedlela zaphesheya kwezilwandle efuna usizo lokulashwa umdlavuza.
“Kuhluleke odokotela abaningi waze wakhishwa esinye isitho somzimba. Ngike ngamvakashela muva nje ngafika kwakhe egula kakhulu. Ngigcine ukukhuluma naye ngesonto eledlule lapho ayekhuluma khona aphinde athule athi uyaphumula. Kuthe ngithola ucingo lokuthi ushonile ngoLwesibili ngehora lesibili emini ngacishe ngawa ebaleni,” kusho uMchunu.
Uthe unina kaJohnny uyena owamfaka ekuthandeni abantu abamnyama namasiko abo.
“UJohnny ubefunze unina ngokuthanda izinto zabantu abamnyama. Besihlala emahostela senze konke sobabili. Bewungeke usho ukuthi ungumlungu. Ubefuna ukwazi yonke into ngamasiko ethu. Engikujabulelayo nje wukuthi emhlabeni sihambe wonke amazwe senza izinto ezahlukene asikaze sithoalakale sisephutheni, besenza konke ngendlela,” kuchaza yena.
Isolezwe limbuza ukuthi iyiphi ingoma eyayithandwa ngabantu uma becula, uthe yizo zonke.
“Ayikho ingoma engingathi ngizomkhumbula ngayo, zonke izingoma zethu esazenza kwiJuluka kumina naye bezisho lukhulu. Inhliziyo yami igcwele usizi, angazi ngenzeni ngalesi simo. Angifuni nokucabanga ukuthi kuzoba nomgcwabo wakhe,” kuchaza uMchunu.
Uthe usazohlela ukuthi uzomvalelisa kanjani uJohnny ahlangana naye ngo-1969, baze bahlukaniswa wukufa.
Izolo umndeni kaJohnny ubungakazimemezeli izinhlelo zomgcwabo kodwa esitatimendeni osithumele abezindaba uthe bazoba nomgcwabo ongavulelekile obekuyisifiso sikaJohnny.
Uthe izinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo uzozimemezela okuzokuba ngeyawo wonke umuntu.
UJohnny ushiye emhlabeni inkosikazi abeseshade nayo iminyaka engu-31, uJenny.
Bebenamadodana amabili uJesse noJaron.