Senzo Mchunu
Image: Jacques Naude / Independent Newspapers
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, uthe akudikizi ngisho inqulu ngamaqembu angayiseki ibhajethi yomnyango wakhe yesamba sika-R120.8 billion ka-2025/6.
Uthe labo abathi abaseseki isabelomali kusho ukuthi baqonde ukuthi izindawo namakhaya lapho beqhamuka khona, "bafuna sihoxiswe intuthuko ekhona. Enikushoyo akunalo iqiniso. Kuyihaba elingenasidingo."
UMchunu ukhulume kanje ngesikhathi ephendula kwinkulumo mpikiswano ngombutho iSAPS, Independent Police Investigative Directorate neCivilian Secretariat for Police Service, emuva kokwethula isabelomali somnyango wakhe. Uthe bayayincoma imali kodwa abazi ngomsebenzi obahlalele.
"Umsebenzi odinga ukwenziwa ungaphezu kwezinsizakusebenza." Uthe ubugebengu sebubhebhetheke kakhulu futhi buxhaswe ngenkulu imali ngakho nabo kufanele babuhlelele. UMchunu uthe isamba esiklanyiwe sesisonke esingu-R219.2 million obekungesokubhekana nengqungquthela iG20 ezokuba ngoNovemba, u-R400 million owokuhlinzeka ezokuphepha ngokhetho lohulumeni basekhaya ngonyaka ozayo, u-R34.8 million owokweseka izindleko ezimayelana nokuqokwa kwamaphini okwengeza kongqongqoshe kanti u-R150 million ngowophiko lweDirectorate for Priority Crime Investigation (DPCI). Imiholo nemihlomulo yabasebenzi ihlephula kakhulu kwisabelomali.
Eqhuba, uMchunu uthe imali eningi izosetshenziswa kakhulu ukulwa nobugebengu eGauteng, KwaZulu-Natal, Western Cape nase-Eastern Cape.
"Kuyacaca ukuthi izindawo ezikhahlamezwe wubugebengu kulezi zifundazwe ezine zidinga kuthunyelwe ithimba lamaphoyisa elindene nokulwa nobugebengu ngqo ngaphezu kwe-Operation Shanela. Zingu-225 iziteshi zamaphoyisa ezihlonzwe njengesezidlekeni zobugebengu, okudingeka ukungenelela okuqonde nobugebengu ngqo."
U-R85 million owokweseka iziteshi ezilwa nobugenengu obukhulu. ILungu lePhalamende elimele iMK Party, uMnuz David Skosana, lithe abantu baseNingizimu Afrika baholelwe Ophathe ngabantu okufanele babaqaphe. Uthe amaphoyisa bekufanele ngabe alwa nobugebengu kodwa yiwo athinteka ezenzweni zobugebengu ezihlasimulisa umzimba.
Uthe uma le bhajethi ingaphasiswa kungasho ukuthi izinkumbi zabantu bakuleli zizoqhubeka nokwenzelwa phansi nguhulumeni. Ilungu le-EFF, uLeigh-Ann Mathys, lithe umbutho wamaphoyisa uyisidleke sobugebengu kangangoba noma kungaqashwa inqwaba yentsha kodwa nayo izogcina ifakwe ngobuningi ebugebengwini obukhungethe lo mbutho. Umholi we-ACDP, uMnuz Kenneth Meshoe, ukhale kakhulu ngokuboshwa kwenqwaba yamaphoyisa kuleli.