KUZOGUGA iphakethe kwababhema ugwayi nabathandi botshwala kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe weziMali kuleli uMnuz Tito Mboweni sokukhuphula intengo yalokhu kusukela namhlanje.
UMboweni ngoLwesithathu wethule isabelo mali ePhalamende lapho adingide khona amacebo oMnyango weziMali okukhulisa umnotho nokudala amathuba omsebenzi kuleli okuphazanyiswe kakhulu yiCovid-19 nyakenye.
“Sekuyasicacela ukuthi ukuphuzwa kotshwala ngokweqile kuba nomthelela omubi emphakathini nasempilweni yomuntu ophuzayo. Abathengi bayakuqapha ukunyuka kwentengo futhi amanani aphezulu kufanele aholele ekuncipheni kokuphuza kotshwala okuzoba neminye imiphumela emihle,” kusho uMboweni.
UMboweni umemezele ukuthi intengo katshwala nogwayi izonyuka ngo-8%.
Uthe kusukela namhlanje:
Ikani likabhiya (340 ml) lizonyuka ngo-14c
Ibhodlela lewayini (750 ml) lizonyuka ngo-26c
Ibhodlela lewayini elihlohlozelayo (750 ml) lizonyuka ngo-86c
Amabhodlela kagologolo (750 ml) okubalwa kuwo iwhisky, gin nevodka, azonyuka ngoR5.50
Ibhokisi likagwayi owu-20 linyuswe ngo-R1.39c
Ngaphandle kotshwala nogwayi, abashayeli bakuleli nabo basazokhala kakhulu ngophethroli njengoba uMboweni ememezele ukuthi izonyuka ngo-27c ifuel levy. Kule mali kubalwa u-15c ilitha ozoqoqwa wuhulumeni uma umshayeli ethela uphethroli, u-11c oya kwiRoad Accident Fund kanye no-1 cent weCarbon Fuel.
Ungaphuthelwa ezinye ezithinta isabelomali nokuphawula kwamaqembu aphikisayo ephephandabeni lakho kusasa.