ONGOTI bezomnotho bathi kungenzeka uNgqongqoshe wezimali, uMnuz Tito Mboweni, amemezele ukunyusa imali efakwa uma uthenga impahla iVAT ngo-1% uma esethula isabelomali ngoLwesithathu ePhalamende.
Ukukhula komnotho wakuleli onyakeni ozayo kulindeke ukuthi kwehle kufinyelele ku-0.8% ngokwe-International Monetary Fund.
I-VAT inyuke ngo-1% yaya ku-15% ngo-Ephreli 2018.
Isazi somnotho, uMnuz Billy Joubert, ongumqondisi kwezomthetho kwaDeloitte Africa Tax, siveze ukuthi uMboweni unezinto ezintathu angazenza - ukunyusa intela yabantu, neyamabhizinisi neVAT.
“Eqinisweni asikwazi ukuvele sikhuphule intela ezinkampanini ngoba lokho kuzovele kuthuse abatshalimali. Lokho kusishiya neVAT,” kusho uJoubert.
Uthe iVAT idume umhlaba wonke ngokuthi intela yabahlwempu.
“Ngisho umnikelo otholwa ngumuntu ohlwempu emgwaqweni nawo uzoyikhokhela intela uma esethenga esitolo.”
Ungoti wezomnotho kwa-Economists.co.za, uMnuz Mike Schussler, uthe makhulu amathuba okuthi kunyuswe intela kuphethroli ngo-60cents ilitha nentela ejwayelekile etshwaleni, ugwayi nezinye izinto.
“Ngeke azivale izikhala ezikhona okuzokwenza kuphazamiseke ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. Angiboni sizokuthola ukuthi kutshalwe imali kwingqalasizinda.”
Umqondisi ongungoti wezomnotho enkampanini i-Econometrix, uMnuz Azar Jammine, uthe uMboweni usenkingeni ngoba kumele agweme ukuthi izwe lehliswe ngokomnotho kanti futhi uma ezama ukwenza enye into angahlangabezana nokuphikiswa ngolunye uhlangothi kwi-ANC.
Ngaphandle kokwehlisa ukusetshenziswa kwemali, uMboweni kulindeleke ukuthi anike incazelo ngezinye zezinto ezamenyezelwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yakhe ayeyibhekise esizweni.
Lokhu kufaka isabelomali sabasebenzi bahulumeni, ukusungulwa kwebhange lombuso, izinkampani ezingaphansi kukahulumeni, ukungasebenzi kwentsha nezinye.
UJammie uthe kule nkinga yesimo somnotho uhulumeni ekade ekuso, sincane kakhulu isikhathi sokuthi uMboweni enze okuthile ukulungisa izinkinga.
“Into angayenza manje wukugxila ezintweni zangomuso kodwa angabhekana nenkinga lapho ngenxa yoqhekeko ngaphakathi kuKhongolose.”
Okhulumela iCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, uthe kuzobe kungenzi mqondo ukukhuluma ngokunyuswa kweVAT abantu bebe bekhokhiswa enye iVAT ngokuphela kukagesi.
UPamla uthe uMboweni kumele anike incazelo ngokuthi kuzokwenzekani ngezinkampani eziphethwe nguhulumeni.
“Umcwaningi mabhuku omkhulu uveze ukuthi silahlekelwa * -10% kwisabelomali ngokusetshenziswa kwemali budedengu kanye nenkohlakalo. Kumele balungise lokho.”
“Kulesi sabelo asilindele ukuthi sizwe ngezinhlelo zokuthi kunswinywe abasebenzi bakahulumeni njengoba kuhlale kwenzeka.”