ZIYAWUSHAYA maduze ezithandanini ezingabafundi ezineminyaka ezingu-16 zasoLundi naseNkandla ezithembisene umshado enkonzweni.
USiyacela Dlamuka ofunda uGrade 8 noThando Mathebula ofunda uGrade 9 kulindeleke ukuba bashade maduze kulandela ukuthembisana umshado kwindumezulu yenkonzo eCorriantians Christian Church in Zion oLundi, ngeSonto.
Uyise kaSiyacela ongumbhishobhi waleli bandla uMnuz Mthandeni Dlamuka utshele Isolezwe ukuthi uyaziqhenya ngokuthi umfana wakhe wenze into elungile angajoli emakhoneni.
“Ngiyaziqhenya ngokuthi ngenze inkonzo yokuthembisa umshado kulaba abaneminyaka engu-16 abazoshada maduze. Indodana yami iyona eyacela ukuba bashade ngoba ithi iyamthanda uThando. Nami ngayigqugquzela ukuba ishadelwe uma isimtholile umuntu ebona ukuthi bengahlalelana naye.”
UThando ufunda eMaqama High, uSiyacela ufunda eNsikayendlu High.
UDlamuka uthe laba ufuna baqhubeke nesikole.
“Izindleko zomshado wabo zizokhokhelwa imina ngoba izinkomo nemali nginakho. Kumanje silungiselela ukuyolobola siqede bese beshada noma inini. Ngeke simemezele okwamanje umshado kodwa uzokwenzeka maduze,” kusho uDlamuka.
Lo mbhishobhi uthe okwenza akuphasise ukushada kwalaba yingoba ubona ukuthi vele baningi abantu abasha abasebudlelwaneni bothando kodwa befihla.
“Izingane ziyakhulelwa zineminyaka engu-16 no-17. Umzali usuke engazi lutho, ubone ngesisu nje. Usuke ungazi nokuthi ingane yakho inesoka noma intombi. Ukuphumela obala ushade uma kukhona umuntu osuthandana naye ikhona impela engikugqugquzelayo nasebandleni.”
Elandisa Isolezwe uthe waqala ukucabanga kanjena kulandela ukukhulelwa kwendodakazi yakhe ineminyaka engu-17.
“Abantu besifazane bathwala kanzima sekumele bakhulise izingane zabo ngabodwana oyise beqhubeka nempilo yabo. Isikhulelwe indodakazi yami ngathi abaganane noyise wengane, ilobolo abuye alikhokhe uma esenamandla,” kusho uDlamuka.
Uthe okwenza angangabazi ukuthi ubudlelwane bukaThando noSiyacela buzophumelela yingoba unina kaSiyacela wayeneminyaka engu-16 emgana. UDlamuka ubenamakhosikazi ayisihlanu, unina kaSiyacela washona, usesele namane.
Umndeni kaThando uthintwa Isolezwe uthe ukuthokozela kakhulu ukuthembisana kwalaba umshado kunoma bajole befihla.
Unina kaThando, uNkk Sthembile Msomi uthe: “Sibone isimo samanje esingesihle sokuziphatha kwezingane ukuthi kuhle bashade khona besebancane. UThando uhamba uMkhosi woMhlanga uzigcinile, siyakujabulela ukuphumela kwakhe obala akhombe insizwa ayithandayo ebandleni. Kuba kubi ingane ilokhu uthi isazigcinile ubone isikhulelwiswe umuntu ongamazi,” kusho uNkk Msomi.
Uthe indodakazi yakhe izoqhubeka nokufunda, uma kufika isikhathi sokugana izoya emzini.
USiyacela uthe kumjabulisile ukuba bethembise umshado nengoduso yakhe.
“Ngiyamthanda uThando futhi ngizimisele ukuba indoda eqotho kuyena. Besineminyaka emibili sithandana njengoba ngicele kubaba ukuba ngishade naye,” kusho uSiyacela.
Ebuzwa ukuthi izindleko zomshado nokuqala umndeni uzokuthwala ngani, uthe ukhona uyise ozomlekelela.
Abanye abazalwane abakhulume neSolezwe abazange balubhade ebandleni ngeSonto becikwa ilo mthembiso kodwa abanye bakuthokozele lokhu kuthembisana komshado kuleli bandla.